IBhululu

Mayelana Wikipedia
IBhululu
Ingqwangqwa edit
uBuzwe: Isilwane
uMhibatho: iNcekwa
iSigaba: Izichiyosaku
uHlelo: Izinkazule
uMndeni: Imibokwane
uZalo: Izingaqasi
uMqhinkqo:
IBhululu
Igama
IBhululu

IBhululu, elaziwa nangokuthi umbokwane omabhadu-bhadu, liwuhlobo lwezinhlanzi zasolwandle emndenini wombokwane .

Incazelo[hlela | Hlela umthombo]

Ibhululu kanye Imshunsundu eWorld Ocean Museum eKaliningrad

IBhululu liwumbokwane omkhulu ongafinyelela kumamitha ama-3 ubude, kodwa izifanekiso esivame ukuhlangana nazo zincane kakhulu. [2] Umzimba walo osesimweni senyoka unombala osizinda omhlophe kuya kophuzi onamachashaza amaningi amnyama ahluka ngobungako nangokuma kuya ngomuntu kanye nendawo ezihlala kuyo izilwane. [3] Ngakho-ke, imibokwane ehlala phezu kolwandle olunamanzi acwebile izoba namachashaza amancane amnyama kunalawo adungekile. [4] Amagama ayo asukela kulesi sici sombala.

Ukusabala kanye nendawo yokuhlala[hlela | Hlela umthombo]

IBhululu liyisilwane esisabalele kuyo yonke indawo yolwandle oluchachambhile( yase-Indo-West Pacific) kusukela empumalanga yezwekazi iAfrika, okufakaphakathi noMtubakazi, kuze kufike ePapua New Guinea kuphinde kusuke eningizimu yeNihono (eJapan) kuyavala kuMzakathambho omkhulukazi. [5] [6]

Lihlala kugange lwoMzikathambho. Emini, lihlezi lucashe emfantwini ngaphansi kwemitha eli-1 kuya kwangama-45 ukujula (3.3 no-148.5 wamafithi).

UMchazampilo[hlela | Hlela umthombo]

IBhululu liyisidlanyama. Lishiya umbhudu walo ebusuku ukozingela izinyamazane ngakuMzakathambho. Isikhathi esiningi luthanda izinhlanzi ezincane kanye indawo yayo ebusuku ukuze iyozingela inyamazane yayo eduze kolwandle. Idla kakhulu izinhlanzi ezincane kanye nezihleke . [7] Ezindala zijwayele ukuba izihhahhamela endle. [8]

Amaphatho[hlela | Hlela umthombo]

  1. Smith, D.G.; McCosker, J.; Tighe, K. (2019). "Gymnothorax favagineus". IUCN Red List of Threatened Species. 2019: e.T195726A2408402.
  2. Lieske, E. and R. Myers, 1994.
  3. Kuiter, R.H., 1998.
  4. Kuiter, R.H. and T. Tonozuka, 2001.
  5. Fricke, R., 1999.
  6. Lieske, E. and R. Myers, 1994.
  7. Sommer, C., W. Schneider and J.-M. Poutiers, 1996.
  8. Lieske, E. and R. Myers, 1994.

Izixhumanisi zangaphandle[hlela | Hlela umthombo]