ILobolo
iLobolo mandulo kwakulisiko olwabe lwenziwa ukuhlanganisa imindeni emibili eyabe ifuna ukuba zihlobo ngokushadiselana.
Ingqikithi
[hlela | Hlela umthombo]Ilobolo èmandulo kwakulisiko olwabe lwenziwa ukuhlanganisa imindeni emibili eyabe ifuna ukuba zihlobo ngokuganiselana. Izinkomo zamalobolo ke zimele izipho ezivela kumkhwenyana, lapho ebonga abazali bentombi afuna ukuyithatha ibe ngumfazi. Lapho umkhwenyana esuke ethi, ngiyabonga Mkhwekazi noMkhwe wami ngokungizalela intokazi eyongitholela abantwana, ngikhulise umuzi kababa. Emandulo amalobolo kwabe kuyizipho ezazimelwe zinkomo. Ngesimanjemanje kodwa izinkomo kwesinye isikhathi sezamelwa yimali, kodwake, noma sekuyiyo imali, isamele zona izinkomo ezazikhishwa kusadliwa ngoludala.
Emandulo izinkomo zamalobolo zabe ziyisithupha (6) nje kuphela; inkomo kamama/ingquthu (inkomo enkulu, nebiza kunazo zonke ezinye), inkomo kababa, inkomo yomqholiso, inkomo yesikhumba, inkomo yesibhoma nenkomo yebeka. Lezinkomo zabezibizwa ngezinkomo zamaBheka.[1] Kodwa ngesikhathi abantu abamnyama besacindezelwe kakhulu amabhunu, ukuze abantu basebenzele amabhunu isikhathi eside beqongelela imali eningi. Umlungu owayebizwa ngo Sir Theophilus Shepstone[dead link] owayedume ngelika Somtsewu kaSonzica owelutha abantu ukuba balobole ngezinye izinkomo ngaphezulu kwalezi eziyisithupha, ngezinkomo eziyisihlanu (5).[2] Zithi mase ziphelele zonke zibe yishumi nanye (11). Kulezinkomo ezinhlanu okuzo zibaleka kanje: inkomo yemvulamlomo, inkomo yenhlabisamthimba, inkomo yesiwunkulu, inkomo yesiqondo nenkomo yomncamo.[3] Kuleminyaka ilobolo selaba zinkomo eziyishuminanye, zime kanje:
1. Inquthu. 2. Isikhumba. 3. Umqholiso. 4. Isiqondo. 5. Isibhoma. 6. Umbeka. 7. Imvulamlomo. 8. Inhlabisamthimba. 9. Isiwunkulu. 10. Ibheka. 11. Umncamo.

Indlela Yokwenziwa Kwezinto
[hlela | Hlela umthombo]Insizwa ke mase izimisele ukuthatha intombi, iyaye ibikele uyise ngalezinhlelo zayo. Uyise ebese ebiza abalingani bakhe abayomsiza ukuyoxoxisana nalabo abakwantombazane undodana azimisele ukuyithatha ibe ngumfazi. Abalingani mase bechazeliwe ngohlelo, kwakubeke sebenquma usuku lokuyovela lena ekhaya kubo wentombi abazimisele ukuyilobola. Ngosuku oluhleliwe, abakhongi laba masebefika emzini wendoda lapho intombi abazoyilobola ihlala khona, bagibela emthini bese bekhuleka behaya ngezithakazelo nezibongo zendoda ephethe lelikhaya okuziwe kulo. Bayo haya lendoda ngezibongo zayo nezithakazelo kuze omele umndeni wakwa ntombi le ezolotsholwa bazobona ukuthi labantu abazobanga umsindo emzini wendoda bezengani. Mebefika esangweni, omele ikhaya uyathula angasholutho baze abakhongi laba bakhiphe lenkomo ebizwa ngokuthi “imvulamlomo”. Sekuyothi mase ikhishiwe lenkomo, omele abomndeni wakwantombi ezolotsholwa bese ebuza ukuthi amadoda lawa ezengani nakhu bebanga umsindo emzini wendoda. Babeke sebechazake udaba abeze ngalo abakhongi. Uma umndeni uzithanda lezindaba abeze ngazo labakhongi, babeke sebevunyelwa ukungena ngaphakhathi emzini wendoda bezoqedela izingxoxo abezengazo. Umndeni ubeseke ubiza izintombi zomndeni bacele ukuba abakhongi bakhombe intombi abezengayo. Mase beyikhombile, intombi ibeke isibuzwa ukuthi iyabazi yini labantu. Uma ivuma ithi iyabazi, kubeke sekujatshulwa sekuqhutshekwa nodaba losuku. Izinkomo, amagama azo, izindlela eziphuma ngayo, kanye nezizathu zakhona zichaziwe lapha ngenzansi ngokulandelana kwazo [4] [5]:
- Imvulamlomo – lenkomo enikezwa ubaba wentombazana ekuqaleni kwezingxoxo zamalobo, ukuba akhulume nabakhongi. Lenkomo ngencane kunazozonke ezinye, kungaba nje yithole lenkomo.
- Inkomo kamama/Inqguthu - lenkomo umkhwenyana ayinikeza umkhwekazi wakhe. lenkomo ikhishwa ngumkhwenyana ebonga umkhwekazi ngokukhulisa intombi kahle kotholakale esayintombi nto. Uma ubuntombi sebalahleka lenkomo umkhwenyana akayikhiphi. Lenkomo ingenkulu nebiza kunazozonke izinkomo zelobolo. Ngaphambi kodwendwe, umakungukuthi intombi ubuntombi bayo bese balahleka, lowo owathatha izimbali zentombi uyahlawula ngenkomo okuthiwa Inkomo yohlanga. Lenkomo ayingeni emagcekeni akwantombi, kodwa ihlatshwa ngaphandle kwegcekelakwantombi kukhishwe inyongo, bese kuchelwa ngayo umuzi wendoda. Izintombi zesigodi zibe seziyogeza ngenyongo yalenkomo emfuleni ohambayo, zikhiphe ichilo elilethwe yilentombi esigodini sendawo.
- Inkomo kababa - lenkomo iyisipho umkhwenyana asipha uyise wentombi ebonga ngokukhuliselwa intombi.
- Umqholiso – lenkomo yokungeniswa kukamalokazana emzini. Lenkomo ikhonjwa inxeba nguye umalokazana ngosuku lomgcagco. Umalokazana uthelwa ngenyongo yalenkomo, kanti futhi umalokazana akayidli inyama yalenkomo.
- Isikhumba - lenkomo umkhwenyana ayinika uyise kamalokazana kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya.
- Isibhoma – lenkomo iyisipho umkhwenyana asipha umalokazana kuthiwa eyesidwaba sakhe umalokazana ayosiqgoka emzini.
- Imbeka – lenkomo ihlatshwa emzini ngumalokazana ejabulisa abasemzini. Lenkomo ihlatshwa emuva kwesikhathi umalokazana egcagcile. Isikhathi kungaba yizinyangana noma unyaka ophelele. Lenkomo ngoba ithatha isikhathi ukuhlatshwa, kungaba nje yithole lenkomo.
- Inhlabisamthimba – lenkomo ihlatshelwa umthimba uma kugcagcwa.
- Isiwunkulu – lenkomo ihlatshwa ngosuku lomgcagco ihlatshelwe abesifazane.
- Isiqondo – lenkomo inikezwa umalokazana mhla ephuma ekhaya kubo eya emzini bethi ngayo ekhaya adle asuthe angalambi.
- Inkomo yomncamo – lenkomo ekamalokazana ayihlaba ekhaya evalelisa ezintombini zangakubo.
Imithombo yolwazi
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Nyembezi,S., and Nxumalo, O.E.H., 1982., Inqolobane yesizwe, 3rd Ed. 233Shuter & Shooter., Pietermaritzburg, 314p
- ↑ "Archive copy". Archived from the original on 2013-10-31. Kulandwe ngomhlaka 2015-06-27.CS1 maint: Archived copy as title (link)
- ↑ Qwabe, S., pers. comm. June 2015
- ↑ Mlaba, N., and Mlaba, M., pers. comm. Jul 2015
- ↑ http://ulwazi.org/index.php?title=Amagama_ezinkomo_zokulobola