Jump to content

INdiza

Kubuya ku Wikipedia
I- Cessna 172 ewuKlebezulu iyindiza ekhiqizwa kakhulu emlandweni.
I- Mil Mi-8 iyindiza enophephela emhlane ekhiqizwa kakhulu emlandweni.

Indiza iyisithuthu noma inguxa ekwazi ukundiza ngokusekelwa emoya.[1][2][3][4] Imelana nesiphoqi somnyondo ngokusebenzisa inkuphuko engaguquki noma inkuphuko eguqukayo. Izinhlobo ezivamile zezindiza zihlanganisa izinqabakundiza, Izindongoyi, izindiza ezineziphokozisi (kuhlanganisa nezindiza ezinophephela), imikhumbimoya, namabhamuza esangoza.

Ubuqhebeqhebe babantu obuhlobene nezindiza bubizwa ngokuthi ezokundiza. Inzululwazi yezokundiza obuhlanganisa, ukuklama nokwakha izindiza, bubizwa umchazandiza (aeronautics). Izindiza ezinesigejana zindiziswa umuntunyoni (pilot), kuyilapho izithuthi eziyizindiza eziswelumuntu zona zilawulwa zikude noma ziyazilawula ngikwazo ngezicikizi ezingaphakathi kwazo.

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Flight Before Flying by David Wragg (Author) Publisher: ‎Osprey Publishing; First Edition (2 May 1974)Language: ‎English, Hardcover: ‎192 pages, ISBN-10: ‎0850451655, ISBN-13: ‎978-0850451658
  2. World's Air Fleets Hardcover – 1 May 1969 by David Wragg (Author), Publisher: ‎Littlehampton Book Services Ltd; 2nd edition (1 May 1969), Language: ‎English, Hardcover:176 pages ISBN-10: ‎0711000859, ISBN-13: ‎978-0711000858
  3. World's Air Forces Hardcover – 15 Oct. 1971 by David Wragg (Author), Publisher: ‎Osprey Publishing; First Edition (15 Oct. 1971), Language: ‎English, Hardcover: ‎232 pages, ISBN-10: ‎0850450381, ISBN-13: ‎978-0850450385
  4. Speed in the Air, Hardcover – 5 Sept. 1974 by David Wragg (Author), Publisher: ‎Osprey Publishing; 1st ed edition (5 Sept. 1974), Hardcover: ‎192 pages, ISBN-10: ‎0850451752, ISBN-13: ‎978-0850451757