INdiza eswelumuntu

Mayelana Wikipedia
I-Elbit Systems Hermes-450 indiza eswelumuntu
i-Northrop Grumman Bat, ethwele izinzwi ze-EO/IR ne-SAR, izitholi ngesicwazi, izikhombi ngesicwazi, nezithwebuli zensibomvu
Indiza eswelumuntu yakwa-DJI, ebizwa umungcwi unophephelabane, eyindiza yezentengiselwano nokuzijabulisa ngokuthwebula izithombe zasemoyeni
uDongoyi lokushulubeza nokuphuma inqina olubizwa MQ-9 Reaper
Nakuba iningi lezindiza eziswelumuntu zifakelwe izimpaphe, kodwa nalezo eziwumklamo unophephela njenge-MQ-8B Fire Scout yakwa-Northrop Grumman, nazo ziyatshenziswa.

INdiza eswelumuntu, ngokuvamile eyaziwa ngokuthi iDongoyi, iyindiza eswele itilosi, abashayeli noma abagibeli ngaphakathi kuyo. Izindiza eziswelumuntu ziyisigcoyi sesimiso sezindiza eziswelumuntu, esihlanganisa isilawuli esisezweni phansi kanye nohlelo lokuxhumana nayo indiza eswelumuntu. Ukundiza kwalezindiza kungagidinga ngesilawula-kude, esiphethwe umgidingisi ongumuntu, njengendiza etiloswa-kude, noma ngamazinga ahlukene okuzihleleleka, afana nesitilosi esisizayo, kufika endizeni ezihleleleka ngokugcwele engadingi ukungenelela komuntu.