INguquko yezezibhangqiwe

Mayelana Wikipedia

Inguquko yezezibhangqiwe ( DX ) ukuphembabusha ubuchwepheshe bezezibhangqiwe okwenziwa yinhlangano ukuze ishintshele kwezezibhangqiwe imikhiqizo, izinkonzo noma imigidingo okungeyona eyezezibhangqiwe. Impokophelo yokugunundwa kwako, ukukhulisa ubugugu ngocandululo, ukuqamba, nobungcweti babathengi nokwenza ngokufanele.

UkuGuqulela kwezeziBhangqiwe inqubo yokuguqula ukwaziswa kwenzuko kube isimo sezezibhangqiwe ngokusebenzisa isiguqulanzuko, esifana nesigqayi semifanekiso noma seziqoshwa zesilalelwa sezezibhangqiwe. Njengoba ukusetshenziswa koxhakaxholo kuye kwanda kusukela ekuqaleni kweye-1990, ukusetshenziswa kokuguqulela kwezezibhangqiwe nakho kwandile. Kodwa inguquko yezezibhangqiwe, ibanzi ukwedlula ukuguqulela kwezezibhangqiwe kwezinqubo ezikhona. Inguquko yezezibhangqiwe ihilela ukucubungula ukuthi imikhiqizo, izinqubo, nezinhlangano zingashintshwa kanjani ngokusetshenziswa kwezobuchwepheshe bezezibhangqiwe ezintsha. Imbuyekezo yowezi-2019 yaphakamisa incasiselo yelithi inguquko yezezibhangqiwe ethi "inqubo ejonge ukuthuthukisa inhlangano ngokuletha ushintsho olubalulekile empahleni yayo ngokuhlanganiswa kokwaziswa, ezokucikiza, ezokuxhumana nezobuchwepheshe bokuxhumana." Inguqulo yezezibhangqiwe ingabukwa njengohlelo lobuchule-mphakathi.

Ukwamukela ubuchwepheshe bezezibhangqiwe kungaletha izibusiso esihwebini, kodwa, amanye amasiko wemishumanqa angadonsa kanzima ngenxa yezinguki ezidingwa inguquko yezezibhangqiwe.

Umbiko wezi-2015 waveza ukuthi imishumanqa ezathuthuka yezezibhangqiwe yayisebenzisa ukusingatha ngefu, izinkundla zokuxhumana, omakhalekhukhwini nezihlaziyi zemininingo, kuyilapho eminye imishumanqa yayisebenzisa ezobuchwepheshe ngazinye ezinkingeni eziqondile. Ngowezi-2017, ucwaningo olunye lwathola ukuthi zingaphansi kwama-40 ekhulwini izimboni eseziguqukele kwezezibhangqiwe (nakuba kwakwenziwa kakhulu kwezezindaba, ezehwebo, nezimboni zobuchwepheshe).