Jump to content

INyuvesi yakwaZulu-Natali

Mayelana Wikipedia

UKZN_(52852736191)

INyuvesi yaKwaZulu-Natali (IsiNgisi:University of KwaZulu-Natal), ngamafuphi (UKZN) isikhungo semfundo ephakeme esesifundeni saKwaZulu-Natali esineziza ezinhlanu esifundazweni. [1][2]Lesi sikhungo sasungulwa ngonyaka wezi-1910 khona kwaZulu lapho sasaziwa khona ngeUniversity of Natal. Ngonyaka wezi-2004 sasungulwa kabusha emva kokuhlanganiswa kweNyuvesi yaseNatali kanye neNyuvesi yaseDurban-Westville.[3]

Le nyuvesi yasungulwa lapho kuhlanganiswa iNyuvesi yaseNatali kanye neNyuvesi yaseDurban-Westville, ngowezi-2004.

Mhla zingamashumi amathathu nanye (31) kuMeyi 2002, uMkhandlu weNyuvesi yaseNatali wakhetha ukunikeza isikhundla sokuba isekela loMphathinyuvesi nesokuba iGunyanhloko leNyuvesi kusonzululwazi wezokwelapha odume umhlaba nowayenguMengameli woMkhandlu woCwaningo lokweLapha – uSolwazi Malegapuru Makgoba, owathatha lesi sikhundla mhla zilunye (1) luSepthemba 2002. Waphathiswa umsebenzi wokuhola iNyuvesi yaseNatali ukuyohlangana neNyuvesi yaseDurban-Westville. Ngokufeza lokho, waba isekela loMphathinyuvesi omthuku weNyuvesi yaseNatali. Wayelandela uSolwazi Brenda Gourley esikhundleni.[4]

Emva kokukhonza kafushane esikhundleni sokuba isekela loMphathinyuvesi, ngowezi-2004, wamiswa ngokusemthethweni njengesekela loMphathinyuvesi emva kokuhlanganiswa kwamanyuvesi amabili. Wamiswa mhla zingamashumi amathathu nanhlanu kuSepthemba 2005, njengesekela loMphathinyuvesi weNyuvesi yaKwazulu Natali.

USolwazi Makgoba wakhonza amahlandla amabili eminyaka emihkanu ngalunye, futhi wathatha umhlalaphansi ngowezi-2015. Ngenkathi ephethe, keakunezigemegeme eziningi. UMakgoba kuthiwa wadala "izimo zombango"[5] phakathi eNyuvesi, nezaphumela ekufudukeni kwezingqandavu zesigaba esiphezulu.[6] Walandela iNgcithabuchopho uAlbert van Jaarsveld.

Umbhoshongo wesithuba oyinhloko oseSakhiweni esiyiNhloko sakuDala, ezakhiweni ezisePietermaritzburg.

Uhlaka leziFundo

[hlela | Hlela umthombo]

Le Nyuvesi yakhiwe amakolishi amane nawo ngokwawo akhiwe yizikole eziningana ngaphansi kwawo.[7] Ezimweni eziningi, lezi zikole zihlakazeke ezakhiweni ezihlukene zenyivesi. Ngokwesibonelo, Umchazatho utholakala ezakhiweni ezise-Pietermaritzburg nase -Westville.[8]

Ikolishi lezoLimo, umNgcikisho neNzululwazi

[hlela | Hlela umthombo]

Ikolishi leNzululwazi yezeMpilo

[hlela | Hlela umthombo]
  • Isikole sezokwelapha Clinical Medicine
  • Isikole seziNgqalaba zokwelapha neNzululwazi yokwelapha
  • Isikole seNzululwazi yezeMpilo
  • ISikole sobuHlengikazi nezeMpilo ezisobala

Ikolishi lezoLuntu

[hlela | Hlela umthombo]
  • Isikole sezeNkolo, iNjulalwazi, nezaNguna
  • Isikole sezoBuciko
  • Isikole seNzululwazi yezeNhlalo
  • Isikole seNzululwazi yezoLuntu esetshenziswayo
  • Isikole sezeMfundo

Ikolishi lezoMthetho nezifundo zokuPhatha

[hlela | Hlela umthombo]
  • Isikole somHwebo nobuHoli sabaQoqodile
  • Isikole sezoMdando, ezeMnotho nezeziMali
  • Isikole soMthetho
  • Isikole sokuPhatha, ubuChwephese bokwaziswa, nezokuBusa

Isikhungu esakhiwe ngokubambisana neSikhungu sezeMpilo sikaHoward Hughes yisona esiyisikhungu seSifo Sofuba nesaNdulela Ngculzi KwaZulu Natali K-RITH futhi savulwa ngowezi-2012. Sisesakhiweni sesikole sezokwelapha sikaNelson Mandela.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "CHE | Council on Higher Education | Regulatory body for Higher Education in South Africa | Education | Innovation | University | South Africa". che.ac.za. Archived from the original on 24 May 2020. Kulandwe ngomhlaka 2020-05-25. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  2. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named ukzn-campuses
  3. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named ukzn-history
  4. "Professor Malegapuru William Makgoba". Archived from the original on 4 June 2021. Kulandwe ngomhlaka 25 May 2020. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  5. Macfarlane, David (2011-01-14). "Controversial UKZN audit under wraps". The Mail & Guardian. Archived from the original on 8 October 2020. Kulandwe ngomhlaka 2020-10-06. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  6. Saunderson-Meyer, William (2020-01-31). "Malegapuru Makgoba and the white bonobos". Politicsweb. Archived from the original on 11 October 2020. Kulandwe ngomhlaka 2020-10-06. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  7. UKZN. "Schools". Archived from the original on 25 January 2012. Kulandwe ngomhlaka 3 February 2012. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  8. UKZN. "School of Chemistry". Archived from the original on 8 October 2011. Kulandwe ngomhlaka 26 August 2011. Unknown parameter |url-status= ignored (help)