Jump to content

INyuzilandi

Kubuya ku Wikipedia
New Zealand
New Zealand (isiNgisi)
Aotearoa (isiMaori)
IsiqongoIWelingtoni
Idolobha elikhuluI-Oklendi
UlimiisiNgisi, isiMaori

iNyuzilandi (ngesiMaori: Aotearoa, [aɔˈtɛaɾɔa] , ngesiNgisi: New Zealand) yilizwe eningizimu ntshonalanga kwolwandlekazi wasePasiki oqukathwa yiziqhingi ezimbili: isiqhingi sasenyakatho (Te Ika-a-Māui) kanye nesiqhingi saseningizimu (Te Waipounamu) kanye neziqhingi ezindlula amakhulu ayisikhombisa amancane. Ngobungakho bendawo, iyilizwe eliyisiqhingi elesithupha futhi isempumalanga kwe-Ostreliya ngaphesheya kwolwandle kaTasman kanye naseningizimu kweziqhingi zaseNouvelle-Calédonie, eFiji naseTonga. Umumo womhlaba unkithinkithi, kakhulu ngeqoqo leziqonga zezintaba ezibizwa ama-Alps aseNingizimu (Kā Tiritiri o te Moana), zibunjwe ngukushukuma komhlaba nokuqhuma kwezintabamlilo. isiqonga saseNyuzilandi siyiWellington futhi idolobhankulu iyi-Auckland.

Iziqhingi zaseNyuzilandi zazingezinye zezindawo zokugcina zomhlaba ukuthi abantu bazinze kuzo. Ngaphakati kwe-1280 ne1350, amaPolynesia aqale ukuzinza kuleziqhingi ekuholele ekutheni kuvele usiko olungqayiveli lwamaMāori. Nge-1641, umtilosi kanye nomzulazuli waseNetherlands, uAbel Tasman, wayengowaseYurophu okuqala ukubona nokuloba mayelana iNyuzilandi. Nge-1769, umzulazuli waseBhulithani, umtilosi James Cook wayengowaseYurophu okuqala ukubeka nyawo eNyuzilandi. Nge-1840, abameli boMbuso oHlangeneyo kanye namakhosi wamaMāori aphawule umvumelwano waseWaitangi. Kodwa, njengoba kuyinjwayelo enqubeni yamaNgisi okudla umhlaba wabomdabu emhlabeni wonke jikelele, lomvumelwano usethsenziswe ukuqinisekisa ubukhosi bamaBhulithani onyakeni owawulandelayo kanye nokusungula ikoloni yaseNyuzilandi. Kungasikudalo, amaMāori namaBhulithani abezimpi ekuholele ekutheni iningi lomhlaba wamaMāori udliwe ngemphoqo. Nge-1947, iNyuzilandi ikhutshuliwe eMbusweni waseBhulithani ozingeni lwe-dominion, ikoloni ekuzinze amaBhulithani khona elaligunyazwe ukuziphathi kwezinye izindaba. Nge-1947, iNyuzilandi igunyazwe ukuzimela nokuzibusa, kodwa igcine iNgonyama yoMbuso oHlangeneyo njengenhloko yezwe.

Kulezinsuku, iningi elikhulu lenani labantu elezigidi eziyi-5.3 iqukathwa abaseYurophu (kakhulu abaseziqhingini zaseBhulithani), incane elikhulu kwezinye izincane zenani labantu iqukathwa amaMāori kodwa kukhona inani elibonakalayo labase-Eshiya kanye nabaseziqhingini ezinye zasePasifiki. Izilwimi ezisemthethweni ziyisiNgisi, isiMāori nokuPhawula ngeZandla kwaseNyuzilandi. Njengelizwe elisezingeni eliphezulu lentuthuko, iNyuzilandi yayilizwe lokuqala ukungenisa umholo oyisisekela nokulula ilungelo lokuvota kwabesifazane. Njengoba ubonwa njenglizwe lesigaba sangaphakathi samandla, iNyuzilandi isezingeni eliphezulu lobunjalo bempilo namalungelo wabantu kanye ezingeni elisekugcineni ngobuphansi bombono wenkohlakalo emhlabeni wonke. Nakuba kunjalo, kukhona imikhondo ebonakalayo yobungalingani obakhiwe ohlakweni wenhlalo ngaphakathi kwabaseYurophu namaMāori. Ngeshuminyaka le-1980, iNyuzilandi ibenezinguquko ezinkulu zomnotho eziphedule lelizwe kusuka ebuvikelweni kwobuhwebeni obukhululekileyo. Isigaba sezinkonzo siqukatha iningi lomkhiqizo womnotho ngonyaka, emuva kwaso, isigaba somboni bese isigaba sezolimo; futhi ukuvakashelwa kwabezizwe kungumtapo obalulekile womholo kulelizwe. iNyuzilandi inobudlelwane obuqinile ne-Ostreliya kakhulu ngenxa yokubangamawele ngokobukolonisti baseBhulithani. Lelizwe liyilunga lezinhlangano nezigcawu eziningi zamazwe.