Ibhola
Ibhola, noma ibhola likanobhutshuzwayo, lingumdlalo. Lidlalwa ensimimi (soccer field) ngabadlali abayishumi nanye icala ngalinye. Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika libizwa ngokuthi yi-Bafana Bafana.
iBafana Bafana izobe imele izwe lase Ningizimu Afrika emqhudelwaneni 'Wendebe Yomhlaba' (World Cup) ozobe ubanjelwe khona eNingizimu Afrika, kusukela mhla ziyi-11 ku Juni 2010 ukuya mhla ziyi-11 kuJuly 2010. Lokhu kuyingqopha-mlando ngoba phela kuzobe kuqala ngqa ukuba no mqhudelwano ubanjelwe eZwenikazi lase- Afrika(African Continent), futhi izwe laseNingizimu Afrika lizigqaja kabi ngokuthi yilona elizoba elokuqala ngqa eZwenikazi lase- Afrika ukuba kubanjelwe kulo lo mqhudelwano omkhulukazi webhola likanobhutshuzwayo.