Jump to content

Ichibi

Kubuya ku Wikipedia
Ichibi
izikejana echibini leNqoboka eGoli

Ichibi liyithantala lamanzi elivela ngokwemvelo elikhulu elisebusweni boMhlaba. Ichibi livame ukuvela endaweni eyisibishaziba (basin) noma endaweni enezibishaziba ezixhumene futhi zazungezwa umhlaba owomileyo. Amachibi asemhlabeni ahlukanisiwe nolwandlekazi, nakuba amanye axhumene nalo ngemifula. Amachibi, njengamanye amathantala amanzi ayingxenye yomjikelezo wamanzi, futhi anomthamo omkhulu wamanzi acwebileyo omhlaba wonke, kodwa akhona amachibi etswayi anobumuncu obuphezulu ukwedlula amanzi olwandle. Amachibi awalingani ngobukhulu nangomthamo wamanzi kodwa esewonke cishe amboze indawo engamaphesenti amabili obuso boMhlaba.