Ihlobo

Mayelana Wikipedia
Ihlobo

Ihlobo isikhathi sonyaka lapho kuluhlaza yonke indawo kanye nelanga lisuke lingazibekile phansi lisuke lishisa likhipha umkhovu etsheni. Kulesi sikhathi sonyaka kuba khona izimvula eziningi ezihambisana nokuduma kwezulu. Ngesikhathi sehlobo abantu bavakeshela olwandle besuke beyozipholisa ngoba ilanga lisuke lishisa likhipha inhlanzi emanzini. Ngesikhathi sehlobo kubuye kube khona izinambuzane eziningi ngoba amahlathi kanye notshani kusuke sekukhule kakhulu. Izinambuzane eziba khona kubalwa amaqgwagi, izicabucabu, amabhungezi, kanye nezinye ezinimgi. Izinyoka nazo zibonaka kakhulu ngaso lesi sikathi.