Jump to content

Ikhaya laseNkandla

Mayelana Wikipedia

Template:Infobox buildingIkhaya likaMongameli osethathe umhlalaphansi uMnumzane Jacob Zuma[1] litholakala emabangeni angalinganiselwa ku makhilometha angama 24(15mi) endaweni yasemakhaya ase Nkandla esifundazweni saKwaZulu Natali[2] eyaziwa kakhulu ngokuthi inxuluma yaseNkandla. Ngesikhathi sokubusa kukaZuma, lokhu kwakhiwa kwalesithabathababa somuzi kwabanga enkulu ixushunxushu emiphakathini yase Ningizimu Afrikha,lesithabathaba sasiye sibizwe ngokuthi isango leNkandla[3], imbangela yalokho kwaku maqondana nezinga elaliphezulu kakhulu lokuthuthukiswa kwezokuphepha endaweni kaZuma, ngezindleko ezingaphezu kwezigidi ezingaphezu kwezi-R246. Ukusetshenziswa kwezimali zomphakathi ukwenza lezi zinguquko (kuhlanganise ne-firepool eyimpikiswano) kwathola ukusakazwa okuphawulekayo kwemithombo yezindaba kanye nokuphikiswa kwezombusazwe.

ukukhokhwa kwezimali[4]

[hlela | Hlela umthombo]

Umbiko woMvikeli womphakathi wathola ukuthi uZuma wazuza ngokungafanele kulokhu kuthuthukiswa futhi INkantolo Yomthetho-sisekelo kamuva yathola ukuthi ukuphikisana kukaZuma nombiko kwakuphula Umthetho-sisekelo wezwe. UZuma ekugcineni waxolisa ngokusebenzisa imali yomphakathi ukuze athuthukise indawo yakhe yokuhlala yangasese futhi ngoMbasa enyakeni wezi- 2016 wacelwa ukuba ashiye isikhundla ngabantu abavelele bomphakathi, kuhlanganise nomshisekeli omelene nobandlululo u-Ahmed Kathrada[5], ngenxa yehlazo. Ngokuhambisana nesinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo, uZuma wakhokhela uhulumeni imali yezindleko zokuthuthukiswa kwezokuphepha isamba esiyi zigidi eziwu R7.81. icashunwe kukhasi le National Treasury[6] - ngo-Septhemba enyakeni wezi 2016.

  1. =jacob+zuma&oq=jacob+zuma&aqs=chrome..69i57.7443j0j1&sourceid=chrome&ie=UTF-8
  2. kwazulu+natal&oq=kwazulu+natal&aqs=chrome..69i57.9080j0j1&sourceid=chrome&ie=U
  3. https://www.britannica.com/biography/Jacob-Zuma
  4. orruptionwatch.org.za/zuma-pays-back-money-damage-done/
  5. https://www.sahistory.org.za/
  6. https://www.parliament.gov.za/national-assembly