Imboni (kwezomnotho)

Mayelana Wikipedia
Imikhando kasimende, eyingxenye yemboni yokukhiqiza, ikhiqiza umkhiqizo wemboni yezokwakha.
isithombe semboni yezimoto, engumhlinzeki wemboni yezokuthutha.

Kumnothokhulu, imboni iyisigaba somnotho esikhiqiza iqoqo lezithako zemvelo ezihlobene eduze, izingudla, noma izinkonzo. Ngokwesibonelo, umuntu angabhekisela embonini yokhuni noma embonini yomshwalensi.

Lapho kucutshungulwa iqembu elilodwa noma umshumanqa, umthombo wawo oyinhloko wemalingeniso uvame ukusetshenziswa lapho kujinjwa ezimboni. Ngokwesibonelo, Inhlangano yeNdinganiso yokuJinja iziMboni (ISIC) – esetshenziselwa ukukhipha izibalomininingo zamazwe omhlaba – ijinja "imivo yezibalomininingo" ngokobuqhebeqhebe bezomnotho ezibenzayo ngokuyinhloko. Kanjalo iMboni ichasiswa "njengeqoqo lemivo yezibalomininingo ejinjwe emunxeni ofanayo we-ISIC". Kodwa, umhwebo owodwa awudingi ukuba ube sembonini eyodwa, njengalapho umhwebo omkhulu (ovame ukubizwa ngembumbuthela) uzuhlukanisa ukuze ujwebe ezimbonini ezihlukene.