Imicondozo yokwaziswa

Mayelana Wikipedia

Imicondozo yokwaziswa ichasiswa ngokuthi "igatsha lemicondozo eligxile ebudlelwaneni phakathi kokudala, ukuhlelemba, ukusatshalaliswa, kanye nokusetshenziswa kokwaziswa, kanye nezindinganiso zokucondoza kanye nezimiso zokuziphatha ezibusa ukucondoza kwabantu emphakathini". [1] Licwaninga ngesimilo esiqhamuka kukwaziswa njengensizakusebenza, njengomkhiqizo, noma njengongcibishe. Lihlinzeka ngohlaka olumqoka ekucubunguleni okuphatjeleni nesimilo ngokuqondene nobumfihlo bokwaziswa, ukuzinqumela isimilo (isb. ingabe izinto ezikhandiwe zinesimilo), okuphatheleni nezemvelo, izinkinga ezivela kumjikelezo mpilo (ukudala, ukuqoqa, ukuqopha, ukusabalalisa, ukudludlunga, njll.) wokwaziswa (ikakhulu ubunikazi nethiyampindo, ukwehlukana ngezezibhangqiwe, namalungelo wezezibhangqiwe). Kubalilekile ukuqonda ukuthi izisebenzi zomtapowolwazi, nezomqogelelo, nezingcwepheshi zokwaziswa, ziyakuqonda ukubaluleka kokwazi indlela yokusabalalisa ukwaziswa kwangempela kanye nokuzibophezela ezenzweni zazo ngokuqondene nokwaziswa.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Joan, Reitz M. "Information Ethics." Online Dictionary For Library And Information Science. N.p., 2010. Web. <http://www.abc-clio.com/ODLIS/odlis_i.aspx>.