Imilolozelo

Mayelana Wikipedia

Imilolozelo lolu wuhlobo lwezinkondlo olwalusetshenziswa kakhulu abagadi babantwana (abazanyana) noma omama babantwana uma bethulisa ingane ekhalayo befuna ukuthi izele, ilale, ihlukane nokukhala. Bayayilolozela futhi nalapho iphatheke kabi. Iningi lemilozelo liyaculwa kanti eminye iyashiwo nje ngomlomo kulandelwe isigqi esifanayo esiphindaphindwayo esenza umntwana olalele ezwe esefikelwa ubuhongo [1].

Ikhona eminye imilolozelo esetshenziswa nje noma kungalaliswa umntwana, kukuhle nje kujatshuliwe noma kudlalwa. Ububumnadi bale nkondlo bulele esigqini sayo esingaguquki esibelezelayo. Lolu hlobo lwenkondlo aluqukethe umqondo ojulile kepaha ubuhle bayo bulele esiqgini samazwi ayo nasebumtotini bezwi lomzanyana. Nasi isibonelo somlolozelo[2]:

Thula Mntwana

Thula Mntwana'
Mus'ukukhala
Umam' akekho
Uzofika.
Duduzel' umntwana lo,
Unani weNontombi,
Duduzel' umntwana lo.
Thula mntwana!
Thula Nanana!
[2]

Bheka futhi[hlela | Hlela umthombo]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. E.Z Ndlela; et al. (2005). Kuyasa Ibanga 10. eKapa: Phumelela Books. p. 139. ISBN 1868934543.CS1 maint: Explicit use of et al. (link)
  2. 2.0 2.1 E.S.Q Zul; et al. (1988). IsiZulu Soqobo 10. Mgungundlovu: Shuter and Shooter. pp. 294–295. ISBN 0-947457-29-1.CS1 maint: Explicit use of et al. (link)