Jump to content

Imvula

Kubuya ku Wikipedia
Imvula enkulu ophahleni
Imvula ina emgwaqweni

Imvula ingamaconsi wamanzi ajiyile asuka kumhwamuko osemkhathini abese ewela phansi ngokuna . Imvula iyingxenye enkulu yomjikelezo wamanzi futhi iyona eletha amanzi amaningi ahlanzekile eMhlabeni. Ihlinzeka ngamanzi imikhando yamazubomjilimba, ukuchelela ngezitshalo, kanye nezimo ezifanele zezinhlobo eziningi zexhaxhaemvelo.

Imbangela eyinhloko yemvula umswakama ohamba ngomehluko wodwadwa lwemingakontathu yezingakushisa nomswakama owaziwa gokuthi umsinga wesimosezulu. Uma kunomswakama owanele kanye nomdiki okhuphukayo ukuna kuzokhithika emafini omnyukakhoza afana namafenala (anokuduma) aletha imvula esamithende. Ezintabeni, ukuna ngamandla, iwulukuhlu, kungenzeka kuphela ezinhlangothini zevamasivungu, lapho umoya oswakeme okhuphukayo iuphola khona, ujiyeke bese ukhithika njengemvula. Ezindwaweni ezifana nenswelasivungu yentaba, kuba nezimo zogwadule ngenxa yokuthi umoya owomile obangwa ukwehla kwawo.

Amagama wesizulu wemvula

[hlela | Hlela umthombo]

TYPES OF RAINFALL - IZINHLOBO ZEMVULA

Relief rainfall - umqombola

Frontal rainfall - umshuqungane

Convectional rainfall - umnyukakhoza

TYPES OF PRECIPITATION - IZINHLOBO ZOKUNA

Liquid - Eluketshezi

Freezing - Enqandisayo

Frozen - Enqumile

LIQUID - ELUKETSHEZI

Drizzle - umkhizo

Rain - imvula

Fog condensation - umzolo