Imvulamlomo

Mayelana Wikipedia

Imvulamlomo inkomo ekhokhwa phambili uma kulotsholwa ekhokhelwa ukuba abasekhweni/uyise wentombazane elotsholwayo avule umlomo ukuze kuqale izingxoxo. Le nkomo kuvame ukuthi kube yimali ethile okungaba ngopondo abahlanu kuya phezulu kodwa akuvamile ukweqa ekhulwini lamarandi. Kusadliwa ngoludala bekuba yinkomo uqobo lwayo eqhutshwa ngabafana.