Incazamininingo

Mayelana Wikipedia
Ekhulwini lama-21, incazamininingo ngokuvamile ibhekisela ezindinganisweni zezezibhangqiwe, kodwa izijengamazwi zamakhadi ezivamile ziqukethe incazamininingo, namakhadi aqukethe ukwaziswa ngezincwadi ezisemtapowolwazi (umlobi, isihloko, isihloko, njll.)
Incazamininingo ingavela ngezingqimba ezingafani: Lesi siqoshwa esiphathekayo se - Cenchrus ciliaris siqukethe iminyanyadu kanye nencazamininingo sayo.
Incazamininingo yebhodwe- Sphagnum papillosum eliyingxenye yomcanso wesivande eNyuvesi yase-Greifswald

Incazamininingo "iyimininingo ephana ngokwaziswa ngeminye imininingo",[1] kodwana ayisona isiqikili semininingo ngokwayo, njengomqhafazo womyalezo noma umfanekiso ngokwawo.[2] Kunezinhlobo eziningi ezihlukene zencazamininingo, zihlanganisa:

  • Incazamininingo echazisayo – ukwaziswa okuchazisayo mayelana nensizakusebenza. Isetshenziselwa ukuvubukula nokuhlonza. Ihlanganisa izici ezifana nesihlokosiqu, isifinyezo, umlobi, namazwi amqoka.
  • Incazamininingo engokohlaka – incazamininingo emayelana neziqukathi zencazamininingo futhi ikhombisa indlela Izinto eziyimbumbuthela ezihlanganiswa ngayo, ngokwesibonelo, indlela amakhasi ahlelwa ngayo kube izahluko. Ichazisa izinhlobo, izinhlelo, nobudlelwane nezinye izinkondolo zezibhalo zezezibhangqiwe.[3]
  • Incazamininingo yobuphathi[4] – ukwaziswa okuwusizo ekuphatheni insizakusebenza, njengohlobo lwensiza, izivumelo nokuthi yadalwa nini nakanjani.[5]
  • Incazamininingo yephatho – ukwaziswa okumayelana nesiqikile nezingabunjalo lemininingo yezibalomininingo.
  • Incazamininingo yezibalomininingo[6] – ibizwa nangokuthi imininingo yomdludlungu, ichazisa imidludlungu eqoqa, idludlunge noma ikhiqize imininingo yezibalomininingo.[7]
  • Incazamininingo yezomthetho – ihlinzeka ngokwaziswa okumayelana nomkhiqizi, umninimkhiqizo, nesivumelo esisobala, uma sikhishwa.

Incazamininingo ayiboshelwanga kunoma yimiphi iminxa esiyibalile, njengoba ikwazi ukuchazisa noma yiliphi ucezu lemininingo ngezindlela eziningi.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. "Merriam Webster". Archived from the original on 27 February 2015. Kulandwe ngomhlaka 17 October 2019. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  2. Gonzalez-Perez C (2018). "Metainformation". In Gonzalez-Perez C. Information modelling for archaeology and anthropology: software engineering principles for cultural heritage (1st ed.). Springer Cham. pp. 181–189. ISBN 978-3-319-72652-6.
  3. "An Architecture for Information in Digital Libraries". Archived from the original on 27 March 2017. Kulandwe ngomhlaka 10 May 2017. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  4. Zeng, Marcia (2004). "Metadata Types and Functions". NISO. Archived from the original on 7 October 2016. Kulandwe ngomhlaka 5 October 2016. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  5. National Information Standards Organization (NISO) (2001). Understanding Metadata (PDF). NISO Press. p. 1. ISBN 978-1-880124-62-8. Archived from the original (PDF) on 7 November 2014. Kulandwe ngomhlaka 20 June 2008. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  6. Directorate, OECD Statistics. "OECD Glossary of Statistical Terms – Reference metadata Definition". stats.oecd.org. Archived from the original on 11 July 2021. Kulandwe ngomhlaka 24 May 2018. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  7. Dippo, Cathryn; Sundgren, Bo. "The Role of Metadata in Statistics" (PDF). Bureau of Labor Statistics. Archived from the original (PDF) on 14 July 2021. Kulandwe ngomhlaka 3 February 2021. Unknown parameter |url-status= ignored (help)