Indlozabukhoma

Mayelana Wikipedia
Izithwebuli zendlozabukhoma
Isithwebuli sendlozabukhoma sokuxhasa onongqayi base-Washington DC.

Indlozabukhoma (noma ukudlozabukhoma noma ukudloza) iwukwaluswa kokucondoza, ukwalusa kobuqhebeqhebe obuningi, noma ukwaluswa kokwaziswa ngenjongo yokuqoqa ukwaziswa, ukuthonya, noma ukuqondisa. Lokhu kuhlanganisa ukuqapha buqamama ngokusebenzisa izinguxa zamazuba ezifana umabonakude wentandelo (closed-circuit television (CCTV)), noma iseqelo (interception) sokwaziswa okufufukiswa ngamazuba njengesinyokotho soxhakaxholo. Kungahlanganisa izindlelasu sobunyoninco, ezifana nokuqoqwa kobuhlakani babantu nokweqela ezokuposa.

Indlozabukhoma isetshenziswa izakhamuzi ukuze zivekele amanxuluma azo. Futhi isetshenziswa ngohulumeni ukuze baqoqe ulwazi - kuhlanganisa nobuncondi, ukuvimbela ubugebengu, ukuvikelwa kwenqubo, umuntu, ixongo noma okuthile, noma ukuphenya ubugebengu. Iyasetshenziswa nayizinhkangano zobusela ukuze zicebe ukwenza ubugebengu, futhi nezihwebi ziyayisebenzisa ukuze zibuthe ukwaziswa ngezigebengu, abancintisana nazo, abahlinzeki noma abathengi. Izinhlangano zenkolo ezijutshwe ukuhlonga ukuqembuka nazo ziyakugununda ukudlozabukhoma.

Umthelela wendlozabukhoma ukuthi iyakwazi ukukhinyabeza nengasese labantu ngokungafanele futhi iyagxekwa isishoshovu eziningi. Amazwe wombusowabantu wobukhululeki afuna ukunciphisa indlela uhulumeni nabazimele asebenzise ngayo indlozabukhoma, kuyilapho ohulumeni bendlovukayiphikiswa bayisebenzisa ngokukhululekile ngaphandle kokuvinjwa.

Ubuncondi ngokwencasiselo buyisenzo esingekho emthethweni nesicashile, kuyilapho iningi izinhlobo eziningi zendlozabukhoma zenziwa obala futhi zisemtyethweni.

Izindlela zokudloza[hlela | Hlela umthombo]

NgesiCikizi[hlela | Hlela umthombo]

Umqwamba osemthethweni wenhlangano yaseMelika ebizwa Information Awareness Office – ethuthukise ezobuchwepheshe bokudlozabukhoma izinkumbi

Iningi lezenzo zokudlozabukhoma ngesicikizi zibandakanya ukwalusa imininingo nokuhlaziya isinyokotho sakuxhakaxholo.[1]

Izithwebuli[hlela | Hlela umthombo]

Isithwebuli sendlozabukhoma e-Cairns, eQueensland
Izithwebuli zendlozabukhoma ezifana nalezi zifakwa ngezigidi zazo emazweni amaningi, futhi namuhla zaluswa izinhleliso zesicikizi ezihlelelekiwe hhayi abantu.

Izithwebuli zendlozabukhoma, noma izithwebuli zezokuphepha, ziyizithwebula mbukiso ezisetshenziselwa injongo yokuqapha indawo ethile. Zivame ukuxhunywa nesilekeleli esiqophayo, futhi zibukwa omantshingelani noma onongqayi.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Diffie, Whitfield; Susan Landau (August 2008). "Internet Eavesdropping: A Brave New World of Wiretapping". Scientific American. Kulandwe ngomhlaka March 13, 2009.