Inkampani
Umshumanqa (noma inkampani) inhlangano engokomthetho emelela abantu abazihlanganisile, kungaba ngokwemvelo, ngokomthetho, noma kokubil, abanempokophelo eyodwa eqondile. Amalungu womshumanqa anenjongo eyodwa futhi ayabumbana ukuze afeze izimpkokophelo eziqondile azifunayo. Imishumanqa ivame ukuthatha izimo ezihlukahlukene ezifana nalezi:
- izinhlangano zokuzithandela, ezihlanganisa izinhlangano ezingenzi nzuzo
- imihwebo, enenjonjo yokwenza umvezo
- izinhlangano zentwisha namabhange
- izikhungo zemfundo nezinhlelo zazo
Umshumanqa ungenziwa ube ngumuntu osemthethweni kuze umshumanqa ngokwawo ube nesimelo esiwumkhawulo lapho amalunga ehluleka ukwenza imisebenzi yawo ngokwesimemezelo sasobala sokuba umshumanqa, noma inqubomgomo eshicilelwe. Lapho umshumanqa uvalwa, kungadingeka ukuba uthengise ukuze ugweme isibopho ezingokomthetho.
Imishumanqa ingaziyamanisa futhi izibhalise njengemishumanqa emisha; izinhlangano ezivelayo zibizwa ngokuthi amaqembu emishumanqa.