Jump to content

Inkinsela yaseMgungundlovu

Mayelana Wikipedia

Inkinsela yaseMgungundlovu yinoveli ebhalwe nguSibusiso Nyembezi yashicilelwa okukuqala ngonyaka wezi 1961. Lencwadi ikhuluma ngendoda eqhamuka eMgungungundlovu eyabe ineqhinga lokuqola abantu basemakhaya imfuyo yabo.

Isethulo

[hlela | Hlela umthombo]

Kule noveli kuxoxwa ngendoda esuka edolobheni ehambela endaweni yaseNyandunyandu izibiza ngokuthi ingu-C.C. Ndebenkulu nokuthi ingeyaseMgungundlovu. Abantu baseNyanyadu ibatshela ukuthi iyinkinsela ezikhathaza kakhulu ngokusiza abantu bakubo abaMnyama. Ithi abaseNyanyadu ingabasiza ngokubadayisela izinkomo zabo ngamanani amakhulu kakhulu. Iqiniso selivela ngasekugcineni kwendaba, le ndoda isihamba nazo izinkomo. Lesi qumama esizishoyo yisigelekeqe sokuqala sokugcina esikade sasibawumbaza abantu ngemfuyo yabo, ngisho nabafelokazi imbala. Kodwa amaqhinga akhe ayabonakala, ebonwa ngabasebasha emphakathini kanye nabafundile.

Abalingiswa abahamba phambili umndeni kaZeph Mkhwanazi, okubalwa kuwo indodana, indodakazi kanye nonkosikazi wakhe [1].

Ukuguqulwa

[hlela | Hlela umthombo]

Lenoveli yaguqulwa yenziwa umdlalo womoya esiteshini somsakazo esabe saziwa ngokuthi iRadio Zulu. Akugcinanga lapho yaphinde yaguqulwa yenziwa umdlalo owuchungenchunge kamabonakude ngonyaka wezi-1983.

Ukuhunyushwa

[hlela | Hlela umthombo]

Ngonyaka wezi-2008 lenoveli yahunyushelwa olimini lwesiNgisi ihunyushwa nguSandile Ngidi, lapho isinegama elithi The Rich Man Of Pietermaritzburg

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "Sibusiso Nyembezi". 1 Ncwaba 2005. Archived from the original on 2016-03-20. Kulandwe ngomhlaka 15 Ntulikazi 2018. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)