Inzululwazi yokuqogelela

Mayelana Wikipedia
Various documents curated for readers at the National Archives, UK. Arranged in boxed shelving with glass doors.
Imibhalo enhlobonhlobo ekhethelwe abafundi eMqogelelweni weZwe, e-UK

Inzululwazi yokuqogelela, or izifundo zomqogelelo, yisifundo sombono sokwakha nokukhetha imiqogelelo, okungamabhidli emibhalo, iziqoshwa zomsindo nezilekeleli zokuqoqonga imininingo.

Ukuze kwakhiwe futhi kukhethwe umqogelelo, kudingeka kutholwe futhi kuhlolwe izithako eziqoshiwe, nokuba kube lula ukuzifikelela kamuva lapho zidingeka. Ukuze kwenziwe lokhu, inzululwazi yokuqogelela ifuna ukuphucula izindlelasu zokuxilonga , ukuqoqonga, ukukhweza, nokuhlela uqukathomgama lweziqoshwa.[1]

Isiqoshwa somqogelelo sikhweza imininingo engasoze yaguqulwa. Ukuze ube yigugu ebantwini, umqogelelo kufanele uthembeke. Ngalokho, umqogeleli unesibopho sokuqinisekisa imibhalo yomqogelelo, efana nemibhalo engokomlando, ukuze aqinisekise ukwethembeka kwayo, ubuqotho bayo, nokusebenziseka kwayo. Iziqoshwa zomqogelelo kumele zibe yilokho ezithi ziyikho; zimelele ngokunembile ubuqhebeqhebe ezazidalelwe bona; zethule isithombe esicacileyo ngoyaca lwesiqikili; futhi zibe sesimweni sokusebenziseka nasendaweni efikelelayo.[2]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. "The Archival Paradigm—The Genesis and Rationales of Archival Principles and Practices". Council on Library and Information Resources. Kulandwe ngomhlaka 2007-04-03.
  2. "About records, archives and the profession". International Council on Archives. Archived from the original on 2016-03-04. Kulandwe ngomhlaka 2011-11-03.