Jump to content

Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo labesifazane laseNingizimu Afrika

Mayelana Wikipedia

Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo labesifazane laseNingizimu Afrika eliteketiswa ngokuthi iBanyana Banyana iqembu lebhola lezinyawo elingaphansi kwenhlangano eyangemele ibhola lezinyawo eIRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika eyaziwa ngokuthi yi-South African Football Association. Leli qembu ladlala umdlalo wokuqala neqembu lesizwe labesifazane laseSwazini mhla zingama-31 kuNhlaba ngonyaka wezi-1993. Kuwo lomdlalo wokuqala bebhekene neqembu laseSwazini bawuqoba lomdlalo ngama-14 e-0. Umqeqeshi wokuqala waleli qembu kwabe kungu Augusto Palacios [1].

Iqembu eBanyana Banyana selake ladlala kabili kwimidlalo yama Olimpiki. Baqala ukudlala ngonka wezi-2012 kimidlalo yama-Olimpiki eyabe ibanjelwe eLandani, umqeqeshi ngalesi sikhathi kwabe kunguSiphiwe Khoza. Okwesibili kwabe kungunyaka wezi-2016 edolobheni laseRio Da Janeiro lapho imidlalo yama-Olimpiki yabe ibajelwe khona, lapha umqeqeshi waqembu kwabe kunguVera Pauw. Kuzo zombili lezi zihlandla bakhishwa emqudelwaneni[2].

Umlando weBanyana Banyana

[hlela | Hlela umthombo]
Abadlali BeBanyana Banyana

Umqeqeshi wokuqala waleli qembu kwakungu-Augusto Palacios. Umqeqeshi waleli qembu manje nguDesiree Ellis. Waqala ukuqeqesha le qembu ngonyaka wezi-2016. Emva kwemizamo eminingi ngaphambilini, iBanyana Banyana iwine i-WAFCON kokuqala ngo-2022 emva kokuhlula i-Morocco 2-1. [3]

Umdlalo wokuqala osemthethweni weBanyana Banyana wadlalwa mhla zingama-30 kuNhlaba 1993 ne-Kingdom of Eswatini. [4] IBanyana Banyana yawunqoba ngo 14–0 lo mdlalo. Umqeqeshi owine i-WAFCON ngo-2023, u-Desiree Ellis, udlale kulowo mdlalo futhi washaya amagoli amathathu.

Umdlalo wabo wokuqala namazwe angaphandle kwe-Afrika bawudlale neChina. Badlale imidlalo emibili bahlulwa ngo 8-0 no 13-0. [5] Umdlalo abawuhluwe kuwo ngo-13-0, kube wumdlalo abahlulwe kuwo ngenani eliphuzulu emlandweni wabo. Leli qembu laqala ukunqoba izwe elingaphandle kwe-Afrika ngo-2000, lapho lashaya khona iScotland ngo 2-0 kuCyrus Women’s Cup. [6]

Ukunqoba ngenani eliphezulu kweNingizimu Afrika kwenzeke emdlalweni weCOSAFA Women’s Championship, eGqeberha, mhla zingama-31 kuNtulikazi wezi-2019, ngesikhathi ihlula iComoros ngo 17–0. [7] Ukaputeni uRefiloe Jane washaya amagoli awu-4 lapha.

Amarekhodi emidlalo

[hlela | Hlela umthombo]

Indebe Yomhlaba

[hlela | Hlela umthombo]
Amaqamu kwiNdebe Yomhlaba
Unyaka Imiphumela GP W D* L GF GA GD
1991Yanqatshelwa
1995Abangenanga-------
1999Abangenanga-------
2003Abangenanga-------
2007Abangenanga-------
2011Abangenanga-------
2015Abangenanga-------
2019Kusazonqunywa
Total0/8-------
CAF Women's Championship
Unyaka Round GP W D* L GS GA GD
1991Yanqatshelwa
1995Runners up63121920−1
1998Group stage200227−5
2000Runners up540193+6
2002Indawo yesine5212611−5
2004Group stage300327−5
2006Indawo yesithathu521285+3
2008Runners up530274+3
2010Indawo yesithathu5311106+4
2012Runners up5302660
2014Indawo yesine511376+1
2016Fourth place511353+2
2018Qualified
IsambaRunners up 4 times51226238178+3

Africa Women Cup of Nations

[hlela | Hlela umthombo]
Africa Women Cup of Nations
Unyaka Round GP W D L GS GA
1991Runners-Up200206
1995Bahoxisa kwinxenyeyinye yesiphetho
1998Indawo yesine4202713
2000Group Stage310246
2002Indawo yesithathu522175
2004Runners-Up5131810
2006Indawo yeisine5122610
2008Indawo yesine521246
2010Indawo yesine5212711
2012Indawo yesithathu521265
2014Runners-Up530254
2016 Runners-Up540161
2018 Kusazonqunywa
Isamba12/12492010196077

All African Games

[hlela | Hlela umthombo]
Football at the African Games
Year Round GP W D L GS GA
2003-5401123
2007-421177
2011-5122810
2015-202011
Isamba4/4147342821

Abadlali bamanje

[hlela | Hlela umthombo]

Leli uhlu lwabadlali abaqokelwe ukuba baye kodlala kwiNdebe yamazwe aseAfrika yabesifazane yezi-2018. Umqeqeshi waleli qembu nguDesiree Ellis

Indawo Umdlali Unyaka wokuzalwa Caps Iqembu
GKRoxanne Barker6 May 1991 (age 27)34South Africa Cape Town Roses
GKAndile Dlamini2 September 199232Mamelodi Sundowns
GKKaylin Swart30 September 1994Des Moines Menace
GKYolula Tsawe23 June 1992South Africa JVW
DFJanine Van Wyk17 April 1987144Houston Dash
DFNoko Matlou30 September 1985138Ma-Indies
DFNothando Vilakazi28 October 1988104Palace Super Falcons
DFLebogang Ramalepe3 December 199135Ma-Indies
DFBambanani Mbane12 March 1990Bloemfontein Celtic
DFRegina Mogolola11 April 1993Inyuvesi yasePitoli
DFThato Letsoso24 August 1996Inyuvesi yaseGoli
MFNompumelelo Nyandeni19 August 1987134JVW
GKRoxanne Barker6 May 1991 (age 27)34JVW
MFMamello Makhabane24 February 198882JVW
MFRefiloe Jane4 August 199279Canberra United
MFLeandra Smeda22 July 198974Gintra Universitetas
MFLinda Motlhalo1 July 19987Houston Dash
MFTiisetso Makhubela24 April 1997Mamelodi Sundowns
MFKoketso Tlailane7 December 1992)TUT Ladies
MFRachel Sebati3 February 1993TUT Ladies
MFKholosa Biyana16 April 1994Inyuvesi yakwaZulu-Natali
MFJabulile Mazibuko26 January 1993Inyuvesi yaseNtshonalanga Kapa
MFKhanya Xesi11 March 1999144Houston Dash
FWThembi Kgatlana2 May 199628Houston Dash
FWKgaelebane Mohlakoana2 June 1990Bloemfontein Celtic
FWSduduzo DlaminiSunflower
FWHildah Magaia16 December 1994TUT Ladies
FWJermaine Seoposenwe12 October 1993JVW
FWMelinda Kgadiete21 July 1992144Bloemfontein Celtic

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "Salute to a Banyana Trailblazer". 21 August 2013. Kulandwe ngomhlaka 24 Lwezi 2018. Check date values in: |accessdate= (help)[dead link]
  2. "Reflecting on Banyana Banyana". 10 August 2018. Kulandwe ngomhlaka 24 Lwezi 2018. Check date values in: |accessdate= (help)[dead link]
  3. https://www.cafonline.com/caf-womens-africa-cup-of-nations/news/from-history-makers-to-title-defenders-coach-desiree-ellis-on-banyana-banyana-s-next-chapter/
  4. "Archive copy". Archived from the original on 2025-08-13. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.CS1 maint: Archived copy as title (link)
  5. https://www.safa.net/news/banyana-banyana-at-a-glance/
  6. https://www.safa.net/news/banyana-banyana-at-a-glance/
  7. https://www.news24.com/sport/record-breaking-banyana-thrash-comoros-17-0-in-opening-cosafa-clash-20190731