Iqhugwane

Mayelana Wikipedia
Iqhugwane

Iqhugwane yindlu yesiZulu eyindilinga. Ivamise ukuba nomnyango omfushane ngoba ayiphakeme njengezinye izindlu ngokwesakhiwo sayo. Ibuye ibizwe ngokuthi uguqasithandaze. Uphahla lwakhona nalo lwakhiwe ngezintungo notshani. Udonga lwakhona kuyenzeka lwakhiwe ngotshani noma ngodaka. Uma ungena khona awukwazi ukungena umile kodwa uguqa ngamadolo.[1]

  1. From Wikipedia, the free encyclopedia