IsiGwaqane

Mayelana Wikipedia

IsiGwaqane siwukudla kwesintu okuvanganiswe ngeMpuphu kanye noBhontshisi. Lapho kuvanganiswe uBhontshisi kanye neLayisi esikhundleni seMpuphu, siye sikubizo lokho ngokuthi isiThwalaphishi.

Imiyalelo yokupheka[hlela | Hlela umthombo]

Ukupheka isiGwaqane kuyinto elula yize kuthatha isikhathi nje.

  • Kala uBhontshisi ozowudinga.
  • uKhethe uBhontshis wakho, uqikelele ukuthi awunamatshe.
  • Ufak' eBhodweni, wengez' amanzi ebese uyawuyeka ugxabhe.
  • Lapho sewuvuthiwe khona, uzobheka ukuth' inkovu kaBhontshisi izolunela yini uphuthu lwakho.
  • uma ingeke ilunele, nezela amanzi uwuyeke ugxabhe imizuzwana.
  • Landela ngokufaka iMpuphu enkovwin yaBhontshisi, ukuyeke kugxabhe.
  • Emva kwemizuzu emi-5 kugxabha, govuza kuze kuhlangane uphuthu.
  • Ehlisa isitofu, ebese ugovuza njalo emva kwemizuz' emi-5.
  • uzolubonda njalo luze luvuthwe.

Lapho sesivuthwe khona isiGwaqane sakho, ungasidla sodwa noma usidle nesishebo sakho sekhethelo.

Ukuthosela[hlela | Hlela umthombo]

  • Qoba u-Anyanyisi
  • Beka ipan' estofini, ulilinde lishise.
  • Fak' amafutha alingene, uwalinde imizuzwana nje.
  • Faka u-Anyanyisi wakho emafutheni, ulokh' ugoqoza ukuze ungashi.
  • Faka noma iziphi izinongo zakho ozithandayo.
  • Lapho sezivuthiwe izinongo zakho, buyisela isiGwaqane esitofini.
  • Thululela konke okusepanini ukufake ebhodweni lesiGwaqane (uqikelele ukuthi awuzishisi)
  • Bond kahle kuze kuhlangane konke.
  • Linda imizuzwana mande uphul' ibhodwe lakho.