Jump to content

IsiLimela

Mayelana Wikipedia

M45_filip

IsiLimela esaziwa nangokuthi M 45 namanye amagama ngamasiko ahlukene, singukunyonta ''(asterism)'' kanye nesixheke sezinkanyezi esivulekile esiqukethe izinkanyezi ezishisayo zohlobo lwe-B enyakatho-ntshona yesishomo inkunzi (Taurus). Lesi sixheke siqhele ngebanga elingukukhanyabanga okungama-444, yisixheke esiseduze kakhulu nomhlaba, futhi sibonakala kalula nangeso lenyama ebusuku. Lesi xheke siqukethe umqongo okhwentuzayo obizwa NGC 1432, kanye nesifunda HII, kanye nomqongo obizwa NGC 1435, owaziwa nangokuthi umqongo Lubane. Ukukhazimula kwezinkanyezi zesilimela, yikhona okwenza kube lula ukubona lesi sixheke ngeso lenyama, ngisho ngisho noma usendaweni enomukubalo wokukhanya.

Umsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Igama elithi 'isilimela' lihlobene eduze nokuthi ukulima, lima, elinomsuka kwelithi 'limela' olimini olwandulela isintu, elisho inkathi yokulima, intwasahlobo. Ukuze abantu bazi ukuqala kwenkathi yokulima, babebheka izinkanyezi, futhi ukuvela kwesixheke sezinkanyezi, kwakusho ukuqala kwenkathi yokulima Ingakho lesi sixheke naso sagcina sesibizwa isilimela.

Izinkanyezi ezigqamile

[hlela | Hlela umthombo]

Isilimela sinezinkanyezi ezigqamile ebusukus eziyithoba ezinamagama wesintu ahambisana nombala wazo olundwa:

Ufefe - Alcyon

uLuhlaza - Atlas

Inguduza - Electra

Umgulugu - Maia

uLubane - Merope

Ikhwanyana - Sterope

Ulushodo - Pleione

uMyaka - Celaono

uMkhasilili - Taygeta

Lamagama aqanjwe asuselwa ezintweni ezifana nezimbali, izinoyini nobuhlalu, ezinombala olundwa.