IsiLingala

Mayelana Wikipedia

IsiLingala (noma isiLingala) siwulimi lwesiNtu ikakhulukazi eDemocratic Republic of the Congo lapho kuwulimi lwesizwe kanye neRiphabhulikhi yaseCongo lapho futhi samukelwe ngokusemthethweni. Ngokuya ngezigaba zikaMalcolm Guthrie zezilimi zesiNtu isiLingala iseqenjini le-C40.

Kukhulunywa kakhulu nguWangala.

Ngo-2007 inani labakhuluma isiLingala njengolimi lokuqala eDemocratic Republic lilinganiselwa kubantu abangaphezu kwezigidi ezingu-5.5; ngaphezu kwalokho kunabantu abayizigidi eziyisikhombisa abakhuluma isiLingala njengolimi lwesibili. Kukhona futhi abakhuluma isiKingala eRiphabhulikhi yaseCongo, eCentral African Republic, eGabon, e-Equatorial Guinea, eCameroon, eChad nase-Angola.

Izibonelo kanye ne-Kingala

Bato nyonso na mbotama bazali nzomi pe bakokani na limemya pe makoki. Bazali na mayele pe base, geli kofanda na bondeko okati na bango.

ITranstation

Bonke abantu bazalwa bekhululekile belingana ngesithunzi nangamalungelo. Bahlanganiswe wumcabango nangunembeza futhi kufanele baphathane ngomoya wobunye.