IsiNyantuli

Mayelana Wikipedia
IsiNyantuli se -URL yekhasi eliyinhloko le -Wikipedia yesiNgisi kamakhalekhukhwini.

Isinyantuli siwuhlobo lomdwayinga wamanani obuqhwibimbili (2D), owaqanjwa ngowe-1994, yinkampani yaseJapani iDenso Wave ukuze inhlange izingxenye zezimoto. Isinyantuli siqukethe amagcagcane amnyama ahlelwe aba umdwayinga ogcagcene emzindeni omhlophe, kuhlanganisa neziphawuli ezethenjwayo, ezifundwa kalula yisilekeleli esithwebulayo, esifana nesithwebuli, futhi zidludlungwe ngokusebenzisa Isilungisaphutha sika-Reed-noSolomon kufika lapho umfanekiso uhlakahlwa khona ngokufanele. Khona imininingo efunekayo imonyulwa ezifanelweni zaso zikhona ezigcoyini ezimveku nezilutsheku zomfanekiso wesinyantuli.