Jump to content

IsiThununu esisamuntu

Mayelana Wikipedia
Isithununu esibizwa Ameca isizukulu soku-1 esithombeni sengqalaba yakwa-Engineered Arts Ltd.
Uhidi lwe-Honda P : P1 (yowezi-1993), P2 (yowezi-1996), P3 (yowezi-1997), P4 (yowezi-2000)

Isithununu esisamuntu siyisithununu esifuze umuntu ngokuma. Lomklamo kungaba owokuthi sisebenze kalula, lapho sisebenzisa izinsiza nendawo yabantu, ngenjongo yomgcanso. Imvama, izithununu ezisamuntu zinesingasenhla, ikhanda, izingalo ezimbili, nakuba ezinye izithununu ezisamuntu zinganyaliza ingxenye encane yomzimba, okuyisingasenhla. Ezinye izithununu ezisamuntu zinamakhanda aklanyelwe ukunyaliza ulwangu lobuso bomuntu njengamehlo, nemilomo. Izimomothu ziyizithununu ezisamuntu ezakhelwe ukufuza umuntu ngokombalazi.

Isicabango sesithununu esisamuntu sidabuka emasikweni amaningi ahlukene emhlabeni wonke. Okunye ukulanda kwaphambili kwalelisu lesihlelelekwa esiwumenzo ngesiminyaka yekhulu lesi-4 BCE ezinganekwaneni zaseGrisi nasenkolweni ezihlukahlukene nemibhalo yenjulalwazi yaseShayina. Izinyanyali ezingokoqobo zezihlelelekwa ezisamenzo zenziwa kamuva eMpuma ephakathi, kwelase-Ithali, eJaphani naseFulansi.

Kwelamantaliyana

[hlela | Hlela umthombo]
Unongo lwesithununu sika-Leonardo nokusebenza kwaso kwangaphakathi

Eminyakeni ye-1400, uLeonardo da Vinci wavela nesicabango esiyinkimbinkimbi sesithununu esiguxazelayo esibhince izivikelo, esikwazi ukuhlala, ukuma, nokudikizisa izingalo zaso ngokwaso.[1] Sisonke leso sithununu sasigidinga ngohlelo lwemidonso nezindophi.

  1. Moran, Michael E. (2006-12-01). "The da Vinci Robot". Journal of Endourology 20 (12): 986–990. doi:10.1089/end.2006.20.986. ISSN 0892-7790. PMID 17206888. https://www.liebertpub.com/doi/10.1089/end.2006.20.986.