Jump to content

Isibhedlela saseGreytown ( uMdlovane)

Mayelana Wikipedia

Isibhedlela sasemdlovane singezinye zezibhedlela esihamba phambili Kwazulu-Natal, ngokunakekela kanye nokunikeza iziguli impatho efanelekile. Lesisibhedlela sasungulwa ngonyaka wezi-1976 kuNhlolanja. Siholwa nguMnu.Dube kanye noNkosikazi wakhe u Rebecca Dube. Ngonyaka Wezi-1987 sahola phambili izibhedlela zase Mzansi ngokuba yisibhedlela [1]

Sokuqala ngonyaka wezi-1992 ngesikhathi sobandlululo abasebenzi basesiBhedlela saseGreytown badlala indima enkulu ukusindisa izimpilo zabantu ababelimele. Nakuba isibalo sabantu ababelimele sasi sasilinganiselwa kwikhulu kodwa bakwazi ukubahlenga ngokufane. Ukuthuthuka kwesibhedlela kusenze sathola imikomelo ezindaweni ezehlukene saphinda saba nodokotela abaseqophelweni eliphezulu. Selapha lonke uhlobo lomuntu noma ngabe uphuma kuliphi izwe.

UMkhandlu kaMasipala usebenzisa kakhulu nasibhedlela saseMdlovane ukunikela nge Ngqalasizinda kanye nokukhulisa isibhedlela ukuze sibe nazozonke izimfanelo. iMeya uaseMsinga ukuzwile konke okuhle okukhiqizwa yilesisibhedlela yabe iphetha ngokuthi izonikela ngemali yokukhulisa isibhedlela kanye nokusidlondlobalisa saziwe umhlaba wonke. Ngaphambi kokuthi unyaka wezi-2024 uphethe umkhandlu kamaSipala uvumile ukusebenzisana neMeya ukudlulisa imisebenzi eyenziwa yisibhedlela kuMongameli Afrika wase Ningizimu.[2]

Isibhedlela saseGreytown

Izinsiza zasesibhedlela

[hlela | Hlela umthombo]

Isibhedlela sase-Greytown sisize abantu bakamasipala waseMvoti kanye noMsinga wonkana. Ngokwebhodi lokuklanywa komasipala ngokwemininingwane yokubalwa kwabantu kumasipala waeMvoti singu-106 212. Isibhedlela sisebenzela ikakhulu kazi bonke abantu .Sihlinzeka ngosizo oluphuthumayo ezithatha amahora angamashumi amabili nane ezigulini ezilaliswa esibhedlela. Siphinde sihlinzeke nge laborethri yamahora angamashumi amabili nane, I X-reyi kanye nendawo yasebhange legazi[3]. Sinazozonke izinsiza ezidingwa ngabantu. [4]

Izinkomba
  1. https://www.kznhealth.gov.za/greytownhospital.htm
  2. https://www.kznchildrenshospital.org/
  3. https://www.lekkeslaap.co.za/attractions/greytown-hospital
  4. https://www.kznhealth.gov.za/