Isifakazelo sokufa

Mayelana Wikipedia
Isifakazelo sokufa sika- Eddie August Schneider (1911-1940), esakhishwa eNew York .

Isifakazelo sokufa kungaba incwadi engokomthetho ekhishwe inyanga yokwelapha eshoyo ukuthi umuntu ufe nini, noma incwadi ekhishwe ihhovisi lokubhaliswa kwabantu likahulumeni, eveza usuku, indawo nembangela yokufa komuntu, njengoba zibhaliwe encwadini ebhalisa izifo.

Isifakazelo sokufa esisemthethweni sivame ukudingeka lapho kufakwa isicelo sesigqibo sempahla yongasekho. Siyafuneka nalapho kwenziwa ucwaningo lohlu lozalo. Ihhovisi lokubhalisa likahulumeni yilona okuvame ukuba lihlinzeke ngemininingwane yezifo, ngaphandle kokukhipha isifakazelo sokufa, lokhu kwenzelwa ukuba izinhlangano zikahulumeni zithuthukise iziqoshwa zazo, ezifana nencwadi yohlu lwabakhethi, izinzuzo zikahulumeni ezikhokhiwe, iziqoshwa zezincwadi zokuhamba, ukudluliswa kwamafa njll.