Isifakazelo somshado

Mayelana Wikipedia

Isifakazelo somshado kuyisitatimende esisemthethweni sokuthi abantu ababili bashadile. Ezifundeni eziningi, isifakazelo somshado sikhishwa isisebenzi sikahulumeni kuphela ngemuva kokubhaliswa komshado.

Kwezinye izifunda, isifakazelo somshado siyisiqoshwa esisemthethweni sokuthi abantu ababili bawenzile umgidi womgcagco. Kwezinye izifunda, imvume yomshado inezinkongo ezimbili, eyokuqala ukuvumela umshado ukuba wenzeke nokuthi yona leyoncwadi iqophe isiminya sokuthi umshado wenzekile.

Isifakazelo somshado singadingeka ezimweni ezimbalwa ngezizathu ezihlukile. Singadingeka njengobufakazi ezindabeni ezifana nobugume bengane, lapho kwenziwa isehlukaniso, noma njengengxenye yomlando wohlu lozalo, njll.