Isikhathi

Isikhathi (noma isithuba) siwuchungechunge oluqhubekayo lobukhona nezehlakalo ezenzeka ngokulandelana okungenakuhlehliswa kusukela endulo, kuze kube manje, kuya kusasa. [1] Isikhathi silawula zonke izimo zezenzo, umnyaka, nonobngela, njengoba siwumngakonani oyisigcoyi sezilinganiso ezihlukene esisetshenziselwa ukujinja izehlakalo, ukuqhathanisa ubude bazo (noma imigamu phakathi kwazo), futhi singakanisa amazinga woguquko ezinto ezingokoqobo noma ezicatshangwayo.[2][3][4][5] Isikhathi sivame ukubalwa njengomngako wesine, kanye nesikhala semingakontathu.[6]
Isikhathi silinganiswa ngezinkathi ezilandelayo, ezihlelwa kusuka kwefipha kwende. Abantu balinganisa isikhathi besebenzisa omazisankathi abafana nezithuba namakhalenda, aveza usuku lamahora angama-24, oluyingxenye yomnyaka wezinsuku ezingama-365 oxhumene nomnyakazo woMhlaba emkhathini. Izilinganiso zenzululwazi zesikhathi zihwexuza kusuka kusikhathi sikaPlanck esofushane kuya kuzingidinqindi zeminyaka ezinde. Isikhathi esilinganiseka kukholwa ukuthi saqala ngokuQhuma okuKhulu eminyakeni eyizigidinqindi ezili-13.8 edlule, zomlando womkhathilibe. UMchazandalo wanamuhla uqonda ukuthi isikhathi asinakuhlukaniswa nomkhathi, Ingakho kunesicabango somkhathinkathi esichaziswa ukucakathana jikelele.[7] Isikhathi kulula ukuba sanuleke, njengoba isivinini notho kungasenza sihambe kancane noma sishesje kwingqaoheli engaphandle, nakuba lokhu kuyinto engenzeka Ezimeni ezifana ngejubame elicakathene noma ukudonsa komnyondo wesiGwinqa.
Emlandweni isikhathi besiyisihloko esibalulekile kwezenkolo, injulalwazi, nenzululwazi. Isikhathi sibuye sibe mqoka, futhi sibe nesizima ngokomnotho, I gakho abantu namuhla bethi isikhathi siyimali njengoba bedayisa ngamandla ngesikhathi sabo ukuze bazuze imali, futhi simqoka nakumuntu siqu njengoba bengawithandi umqondo wokuthi chithelwa isikhathi ngezinto ezingenanzuzo kubona.
Incasiselo
[hlela | Hlela umthombo]Isicabango noma umsukamqondo wesikhathi uuinkiyankiya. Kunemibono eminingi ezama ukuchaza nokuchasisa isikhathi ngendlela elula. Kodwa ukuchasisa isikhathi ngendlela eyodwa ezosebenza kuyo yonke imikhakha kusayinto ehluka ngisho ongoti.[5][8][9] Ngokwesintu, igama elithi isikhathi sihambisana namagama afana nelithi ikhathi, umkhathi, inkathi, phakathi, achaza kanje:
• Ikhathi - umgamu ongaba nesilinganiso eside oyithuba lokwenza okuthile. Isibonelo, khathizonke, khathisimbe.
• Isikhathi - umumo ohleliwe ophelele noma oyingxenye onemigamu. Ingakho sibuza ukuthi ngasiphi isikhathi, ngasikhathi sini, izikhathi ezingakhi.
• Inkathi - ingumgamu oyinto engumongo. Isibonelo, inkathi yasebusika, inkathi Yethusi, inkathi kaShaka.
• Umkhathi - ungumgamu ongumongo ngokwawo. Ibanga, isikhala, inqeke ziwumkhathi ophakathi kwezinti ezimbili.
• Phakathi - kusho ukuthi luyingxenye yomgamu.
Amaphathelelo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Time. 2011. http://ahdictionary.com/word/search.html?q=time. "A nonspatial continuum in which events occur in apparently irreversible succession from the past through the present to the future."
- ↑ Merriam-Webster Dictionary Archived 8 May 2012 at the Wayback Machine. the measured or measurable period during which an action, process, or condition exists or continues: duration; a nonspatial continuum which is measured in terms of events that succeed one another from past through present to future
- ↑ Compact Oxford English Dictionary A limited stretch or space of continued existence, as the interval between two successive events or acts, or the period through which an action, condition, or state continues. (1971).
- ↑ Cite error: Invalid
<ref>tag; no text was provided for refs namedDefRefs01 - 1 2 Cite error: Invalid
<ref>tag; no text was provided for refs namedPoidevin - ↑ "Newton did for time what the Greek geometers did for space, idealized it into an exactly measurable dimension." About Time: Einstein's Unfinished Revolution, Paul Davies, p. 31, Simon & Schuster, 1996, ISBN 978-0-684-81822-1
- ↑ Rendall, Alan D. (2008). Partial Differential Equations in General Relativity (illustrated ed.). Oxford University Press. p. 9. ISBN 978-0-19-921540-9.
- ↑ Carroll, Sean M. (2009). "From Eternity to Here: The Quest for the Ultimate Theory of Time". Physics Today (Dutton) 63 (4): 54–55. Bibcode 2010PhT....63d..54C. doi:10.1063/1.3397046. ISBN 978-0-525-95133-9.
- ↑ "The Feynman Lectures on Physics Vol. I Ch. 5: Time and Distance". www.feynmanlectures.caltech.edu. Kulandwe ngomhlaka 2023-12-15.