Jump to content

Isikhwence

Mayelana Wikipedia
Isikhwence sinolwangu oluvamile kakhulu: iziqobosho ezimbili (kwesokunxele nakwesokudla) kanye nesondwana lokuskrola (elingasebenza njengesiqobosho uma licindezelwa ngaphakathi)
Isikhwence esiswelintambo esijwayelekile

Isikhwence (noma isikhwence sesiCikizi okanye igundane) siyinsiza yokukhomba ebanjwa ngesandla ehlonga umdiki omngakombili ohlobene nendawo. Lo mdiki noma mnyakazo uvame ukuhuntushwa njengomnyakazo wesikhombi (okuthiwa ikhesa) embukisweni, okuyisehlo esivumela ukulawula okushelelayo kumfanekiso oyisixhakazimo womsebenzisi wesiCikizi .

Umbukiswano wokuqala womphakathi wesikhwence esilawula uhlelo lwesiCikizi wenziwa ngu-Doug Engelbert ngowe-1968 njengengxenye ye-Mother of all Demos.