Isilimo

Mayelana Wikipedia

VEGETABLE_MARKET

Imifino uhlobo lwezitshalo ezimila engadini. Eziningi zakhona ziyaphekwa ngaphambi kokuba zidliwe, kodwa ezinye ziyadliwa zingaphekiwe. Imifino engadliwa ingaphekiwe ifaka phakathi utamatisi; ukharoti; nokunye okuningi. Imifino lena inezakhimzimba eziningi ezahlukahlukene, futhi ezibaluleke kakhulu emizimbeni yethu. Imifino idliwa ngokuhluka kwezitho zawo. Eminye idliwa ingamacabunga njengombhido, eminye iyizimpande njengokharoti, eminye ingamagaja njengommbila. Kubalulekile ukuba sidle imifino njengoba yenza imizimba yethu ibenamandla.Lamandla siwathola ngoba yona imifino iyakwazi ukudal izakhamzimba ngelanga noma ukushisa, ngomoya futhi nangamanye amaphunga thina esingawathandi. Isibonelo, abantu basebenzisa umanyolo onganuki kamnandi ukuze benze ummbila imkhulu nomnandi. Kodwa thina singabantu asikwazi ukuzenzela ukudla okunempilo ngaphandle kokuba sikhosele kwezinye izinto. Kwimifino ungathola izakhimzimba ezifana novithamini, amaminerli nokunye okwenza umuntu akhule kahle.