Jump to content

Isilumbamdiki somusi

Kubuya ku Wikipedia
JŽ 06-018 steam locomotive, in Ljubljana, Slovenia
A model of a beam engine featuring James Watt's parallel linkage for double action
Isilumbamdiki esigculile sokugaya sakwaStott Park Bobbin Mill, eCumbria, eNgilandi
Isitimela somusi saseJalimani eseMpuma

Isilumbamdiki somusi siyisilumbamdiki somchadamezo esenza umsebenzi wobunguxa sisebenzisa umusi njengomtshoko wokuthi sisebenze. Isilumbamdiki somusi sisebenzisa isiphoqi esikhiqizwa umfutho womusi ukufuqa ipiston liye phambili nasemuva phakathi kwe cylinder. Isiphoqi sokufuqa singaguqulwa ngothi oluxhumile Kanye crank kube isiphoqi esishwilizayo sokusebenza. Elithi isilumbamdiki somusi sibhekisela kuzilumbamdiki esinanelayo. Ulwangu olumqoka lezilumbamdiki ukuthi ziyizilumbamdiki ezisha phandle, lapho khona umtshoko osebenzayo uhlukaniswa nemikhiqizo yokusha. Ngokuvamile, elithi isilumbamdiki somusi lingabhekisela nasemkhandweni yomusi (ehlanganisa nezidlidlizi), ezifana nezitimela zomusi.