Jump to content

Isingquphuza

Kubuya ku Wikipedia
Ukudubula kwesingquphuza sihlobo lwe- M114 155 mm yiviyo lwama-90 lwe-Field Artillery , US 24th isigaba semigundatshani, phakathi neMpi YaseKorea.

Isingquphuza yisikhali esiyisithwahlazi esiwela phakathi kwenganono kanye nesigqula. Siyakwazi ukudubula ngengoni ephansi njengenganonono kanye nokudubula ngengoni ephezulu njengesigqula. Ngamakhono azo esiju eside, izinggquphuza zingasetshenziswa ngempumelelo enkulu ekwakhekeni amaviyo wazo nezinye izingcezu zezithwahlazi, ezifana nezibhamu ezinemibhobho emide, izigqula, kanye nezithwahlazi ezicitshwayo. Izingquphuza ziyahlonishwa ngekhono lazo lokudubula ngamagobolondo aqhumayo nangezithako zokushisa ezinqabeni.

Ngesikhathi seMpi Yezwe Yokuqala kanye neMpi Yezwe Yesibili, izingquphuza zaba neqhaza elibalulekile empini, ikakhulukazi empini yemihlenhlebulo kanye namaqhingasu ezithwahlazi ezinzima afana nemfundiso yempi ejulile yaseSoviet . Ezikhathini zanamuhla, umehluko phakathi kwezibhamu nezingquphuza awusabonakali kangako, kanti izingcezu eziningi zezithwahlazi zihlanganisa izici zazo zombili. Izingquphuza zanamuhla zivame ukuziphokozisa, zifakwe ezimotweni ezilandelelwayo noma ezinamasondo, futhi ziyakwazi ukudubula ngezingoni eziphezulu ngezilelesa zempokozisa ezilungisekayo ukuze zandise isiju futhi zinembe kakhudlwna.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Elithi 'isingquphuza' esenzweni sesizulu 'ukungquphuza' esisho ukushaya noma ukugadla ngesigcibisholo, ukuphonsa noma ukuciba into egadlayo. Lesi senzo sivela kusenzukuthi 'ngquphu' esisho ukushaya ngesigcibisholo. Ngokwesibonelo, uma umuntu engquphuza inyoni ngesagila, kusho ukuthi uphose inyoni ngesagila wayihlosula isemoyeni. Leli gama liyafaneleka njengoba lolu hlobo lesithwahlazi liciba izigcbisholo ngenhloso yokungquphuza izitha.

Izithombe

[hlela | Hlela umthombo]