Jump to content

Isiphambanakabili

Mayelana Wikipedia

Isiphambanakabili yigama lesiZulu lophawu olusetshenziswa kakhulu manje ezinkundleni zokuxhumana ukusakazela umyalezo othile abanye abantu. Liyisihumusho segama lesiNgisi. Kudwetshwa ngemigqa emine ephambanayo noma ngeziphambano ezibili ezixhumene (#). NgesiNgisi kubizwa njenge-"pound sign", i-"hash", noma i-"number sign" (uphawu lwezibalo). Ezinkundleni zokuxhumana kwaziwa njenge-"hashtag".

Sekukholelwe ukuthi indabuko yesiphambanakabili isophawini lwegama lesiLatin samaRoma, "libra pondo", okusho ukuthi "isisindo sepondo". Kukhona ubufakazi obukhombisa ukusetshenziwa kophawu oludala ukuchaza isisindo esibalwa ngama-"pondo" ngisho eminyakeni yezi-1850. Igama elithi "hash sign" lalivela kuqala eMzansi Afrika ngeyezi-1960; ngaphambi kwalokho lwalwaziwa esiNgisini ikakhulukazi njenge-"number sign".

Umfanekiso wophawu lwesiphambanabakili odwetshiwe ngemigqa emikhulu

Ekuqaleni kwakusetshenziswa ikakhulukazi emibhalweni eyabhalwa ngezandla, ngabantu ababesebenza embonini yokukhiqiza imishicilelo, nangabantu ababesebenza ngezibalo kwezezimali.