Isiphambanakabili

Mayelana Wikipedia

Isiphambanakabili yigama lesiZulu lophawu olusetshenziswa kakhulu manje ezinkundleni zokuxhumana ukusakazela umyalezo othile abanye abantu. Liyisihumusho segama lesiNgisi. Kudwetshwa ngemigqa emine ephambanayo noma ngeziphambano ezibili ezixhumene (#). NgesiNgisi kubizwa njenge-"pound sign", i-"hash", noma i-"number sign" (uphawu lwezibalo). Ezinkundleni zokuxhumana kwaziwa njenge-"hashtag".

Umlando[hlela | Hlela umthombo]

Sekukholelwe ukuthi indabuko yesiphambanakabili isophawini lwegama lesiLatin samaRoma, "libra pondo", okusho ukuthi "isisindo sepondo". Kukhona ubufakazi obukhombisa ukusetshenziwa kophawu oludala ukuchaza isisindo esibalwa ngama-"pondo" ngisho eminyakeni yezi-1850. Igama elithi "hash sign" lalivela kuqala eMzansi Afrika ngeyezi-1960; ngaphambi kwalokho lwalwaziwa esiNgisini ikakhulukazi njenge-"number sign".

Umfanekiso wophawu lwesiphambanabakili odwetshiwe ngemigqa emikhulu

Ekuqaleni kwakusetshenziswa ikakhulukazi emibhalweni eyabhalwa ngezandla, ngabantu ababesebenza embonini yokukhiqiza imishicilelo, nangabantu ababesebenza ngezibalo kwezezimali.