Jump to content

Isiqavithi

Mayelana Wikipedia
Isiqavithi esiyisilekeleli soxhakaxholo
isiqavithi esibizwa ELIZA sangowe-1996

Isiqavithi siyihlelokusebenza elisetshenziselwa ukuqhuba izingxoxo zokuqavitha kuxhakaxholo ngomqhafazo noma umqafazo-nkulumo, esikhundleni sokuxoxa nomuntu ngokuqondile.[1]Izinhlelo zesiqavithi, ziklanyelwe ukufefenyeka ngokugculisayo indlela umuntu acondoza ngayo engxoxweni. Iziqavithi zanamuhla eziningi zitholakala kuxhakaxholo futhi zisebenzisa uHlakahlisombulu oluphehlayo ngezinhlelo zalo ezinekhono lokubamba ingxoxo nomsebenzisi zisebenzisa ulimi lwemvelo. Lolo hlobo lweziqavithi zivame ukusebenzisa ukufunda okunzulu kanye nokudludlungwa lolimi lwemvelo. Iziqavithi zibe nesibunge kusuka ngowezi-2020 lapho kuqala ukudlondlobala kohlakahlisombulu, ikakhulu lapho isiqavithi i-ChatGPT siba sematheni, futhi silandelwa ezinye esincintisana nazo ezifana ne-Gemini, iClaude kanye no-Grok. Iziqavithi zohlakahlisombulu ngokuvamile zisebenzisa izinongo zolimi ezinkulu eziyisisekelo, ezifana ne-GPT-4 noma unongo lolimi lwe-Gemini olucolisiselwe ukusetshenziswa ngokukhethekile.

Umkhakha oyinhloko lapho iziqavithi ziqhubeka nokusetshenziswa kakhulu umkhakha wenkonzo yabathengi, okuyiwona ogcwele izilekeleli zoxhakaxholo.[2]

Isivivinyo sikaTuring

[hlela | Hlela umthombo]

Ngonyaka we-1950, isibhalwa sika-Alan Turing esithi "UkuCikiza kweNguxa nobuhlakani" saphakamisa lokho namuhla okwaziwa ngokuthi isivivinyo sikaTuring sokuhlola ubuhlakani. Le ndlela yokuhlola ubuhlakani yayincike ekhonweni lenhleleliso yesicikizi lokulingisa umuntu engxoxweni elotshwa bukhoma nomuntu ongumahluleli ngendlela eyenza umahluleli ahluleke ukuhlukanisa ukuthi ingabe uxoxa nomuntu noma nenhleleliso.[3]

Iziqavithi zokuqala

[hlela | Hlela umthombo]

Isiqavithi sokuqala sasiyinhleleliso kaJoseph Weizenbaum ebizwa ELIZA ngowe-1966.

  1. "What is a chatbot?". techtarget.com. Archived from the original on 2 November 2010. Kulandwe ngomhlaka 30 January 2017. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  2. "2017 Messenger Bot Landscape, a Public Spreadsheet Gathering 1000+ Messenger Bots". 3 May 2017. Archived from the original on 2 February 2019. Kulandwe ngomhlaka 1 February 2019. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  3. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named Turing