Jump to content

Isithako

Mayelana Wikipedia
Steel kitchen container
Terracotta flowerpots
Various plastic objects, including a bowl, CD, water bottle, and roll of tape
A stack of wooden pallets
izinhlobo ezihlukene zezithako zijinjwe ngohlakancinci. umshwilamuva osuka phezulu kwesokunene: igula lenkimbi lasexhibeni, amakhamba ezimbali e-terracotta, ucwazi lwentshogcezi, kanye nezithwalisi zokhuni.

Isithako siwutho noma ingxube yezinto ezithake okuthile. Izithako zingaba ezicwebile noma ezingacwebanga, uTho oluphilayo noma olungaphili. Izithako zingajinjwa ngesiseko sezakhi zazo ezingokoqobo nezingokwevanga, noma ngendabuko yazo engokwezwe noma insebenzo engokwemvelo. Inzululwazi yezithako iwukufundwa kwezithako, izakhi zazo nokusebenza kwazo.

Izithako zemvelo ziyadludlungwa ngezindlela ezihlukene zokuthonya izakhi zazo, ngokuzihlambulula, ukuzibumba noma ngokuzixuba nezinye Izithako. Izithako ezintsha zingakhiqizwa ngezithako zemvelo ngokudidiyela.

Kwezezimboni, izithako ziyizigalelo ezinqubweni zokukhiqiza ukuze zikhiqize imikhiqizo noma ezinye ezithako eziyinkimbinkimbi.

Izici ezingokomlando

[hlela | Hlela umthombo]

Izithako ziqopha umlando wesintu. Uhlelo lwezinkathi zanguna ezintathu (iNkathi yeTshe, iNkathi yeThusi, iNkathi yeNsimbi) lwalandelwa izinkathi ezingokomlando: inkathi yenqimbi ekhulwini lwe-19 , inkathi yegcezi maphakathi nekhulu elilandelayo (inkathi yomnomfi) kanye neknatho yesilicon engxenyeni yesibili yekhulu lama-20.