Isitshopolonco

Mayelana Wikipedia
Izitshopolonco saseGibhithe esudlaveleni- Giza, njengoba sibonakala ngaphezulu.
ithempeli lika-Prasat Thom e-Koh Ker, kwelase-Cambodia
Isitshopolonco senyanga, Teotihuacan. Esakhiwa ngo-AD 100 - 450.

Isitshopolonco , igama elakhiwa amabizo amabili ahlanganisiwe 'itshopi' kanye 'isilonco', (amanye amagama asikiselwe isikwelemcijo nelithi idongolo) isakhiwo ubuso baso obungaphandle obungamacala ayisilonco nahlangana esihlokweni esisodwa phezulu. Umumo oyisitshopolonco ngomqondo wesilinganisazwe. Isisekelo sesitshopolonco singaba unxantathu (trilateral), noma sibe unxane (quadrilateral), noma sibe inoma imuphi umumo ongonigcezi (polygon). Ngokuba njalo, isitshopolonco sinobuso obumacala amathathu asilonco (ngokungenani ubuso obune kuhlanganise nesiseko) . Isitshopolonco esiyigcagcane (square), esinesiseko esiyigcagcane nobuso obune obungaphandle obuyizilonco, isona esaziwa kakhulu.

Umklamo wezitshopolonco, njengoba zinesisindo esiningi ezansi netshopi ondini, uchaza ukuthi mncane umthako ophezulu ocindizela isiseko. Lokhu kwabiwa kwesisindo kwavumela imiphakathi yakuqala ukuba ikhande izakhiwo ezizinzile neziyingqayizivele.

Izimpucuko zangaphambili ezingxenyeni eziningi zomhlaba zakha izitshopolonco. Isitshopolonco esikhulu ngomthamo Isitshopolonco esikhulu sase-Cholula, esifundeni sase-Mexico i-Puebla. Kwaphela iminyaka eyinkulungwane, izakhiwo ezinkulu emhlabeni kuyizitshopolonco—okokuqala Isitshopolonco esibomvu esisedlaveleni i-Dashur bese kuba Isitshopolonco esikhulu sika-Khufu, zombili eziseGibithe—lesi sesbili isona kuphela esiyingxenye Yezimanga eziyisiKhombisa zeZwe laseNdulo esele.