Jump to content

Itshelo

Mayelana Wikipedia

Itshelo yigama lesiZulu soqobo elisho ukuthi "inoveli" okuwumfakela ovela egameni lesiNgisi elithi "novel". Itshelo yincwadi equkethe endaba eqanjiwe wumlobi wayo ehlosa ukuthokozisa umfundi ekuyixoxeni.


Itshelo lokuqala elabhalwa eMzansi Afrika yi-Story Of An African Farm (1883) nguOlive Schreiner, kodwa elokuqala elabhalwa ngowomdabu eMzansi Afrika kwakuyi-An African Tragedy nguRolfes Robert Reginald Dhlomo okwashicilelwa onyakeni lwe-1928. Itshelo lodumo, Mhudi, elabhalwa nguSolomon Tshekiso Plaatje labe selibhaliwe ngonyaka we-1920 kodwa alaphumanga laze lashicilelwa ngowe-1930.