IziNkentezi zesiCikizi

Mayelana Wikipedia
Umbhangqwana wezinkentezi zangaphandle zesiCikizi seqophancwadi afukuthiswayo futhi axhunywe ngokwesilalelwa esiCikizini nge-USB

Izinkentezi zesicikizi, ziyizinkentezi ezithengiswayo ukuze zisetshenziswe ezicikizini, nakuba imvama zingasetshenziswa nakwezinye izidlali zilalelwa, ezifana nezidlali ze-MP3. Iningi lezinkentezi ezinjalo zineziqongisi futhi zidinga umthombo wesidlakathi, imvama ohlinzekwa ngesiphenduzi se-AC (AC adapter), iziphathanzuba, noma isikhenke se-USB. Isixhumi sesigaleli seziyabizo imvama singamamilimitha amathathu nanhlanu; izixhumi ze-RCA nazo ziyasetshenziswa ngezinye izikhathi, futhi isikhenke se-USB singahlinzeka kokubili isiyabizo nesidlakalasi (kudinga intandelo eyengeziwe, futhi kufanele isicikizi kuphela). Izinkentezi zesixhumaduze (bluetooth) esifukuthwa isiphathanzuba azidingi izintambo. Izicikizi eziningi zinezinkentezi zesidlakathi esiphansi nezinga eliphansi ezakhelwe kuzo; lapho izinkentezi zangaphandle zixhunyiwe zijiyeza izinkentezi ezakhelwe phakathi. U-Altec Lansing uyena owokuqala owakha indayi yezinkentezi zesicikizi ngowe-1990.[1]



Izinkentezi zesicikizi ziyahluka ngomgangatho nangentengo. Izinkentezi zesicikizi ezigxishwa nohlelo lesicikizi ngezinye izikhathi ziba ncane, kuba ezimnonfi, futhi nezinomgangatho womsindo ongemuhle. Ezinye izinkentezi zesicikizi zinolwangu lokulinganisela olufana nezilawuli zombodlo, nokunsininiza. Izinkentezi zesixhumaduze (Bluetooth) zingaxhunywa ngokusebenzisa intambo yesicikizi yokuxhuma izilekelelli.[2]

Izinkentezi zesicikizi eziyinkimbinkimbi ziba nesihhohhozi (subwoofer).

Ezinye izinhlobo zesicikizi ziba nezinkentezi ezakhelwe ngaphakathi. Izicikizi eziyizigonwa zinezinkentezi ezididiyelwe ezakhelwe phakathi, imvama zincane ukuze kulondolozwe indawo futhi zikhipha umsindo womgangatho omubi.

Amaphatho[hlela | Hlela umthombo]

  1. Altec Lansing. "Our History". Archived from the original on 6 January 2016. Kulandwe ngomhlaka 29 December 2015. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  2. "Best Portable Bluetooth Speakers 2019 Reviews (Buying Guide)". Stereo Authority (in i-English). 2019-01-27. Kulandwe ngomhlaka 2019-01-28.