Izibalomininingo zaseNingizimu Afrika

Mayelana Wikipedia

Inhlangano ebizwa Izibalomininingo zaseNingizimu Afrika, phecelezi Statistics South Africa (noma Stats SA) iwumnyango wezibalomininingo kazwelonke waseNingizimu Afrika onomgomo wokukhiqiza izibalomininingo ezisemthethweni ngesikhathi esifanele, nezinembile, ukuze kuphokopheliswe Ukukhula kwezomnotho, intuthuko kanye intando yeningi. Ukuze kufezwe lokhu, inhlangano izibalomininingo yaseNingizimu Afrika ikhiqiza ukubalwa kwabantu okungokomthetho, kwezomnotho nezenhlalo kanye nokuhlolwa. Kuze kube namuhla inhlangano yezibalomininingo yaseNingizimu Afrika seyikhiqize ukubalwa kwabantu okuthathu, ngowe-1996, ngowezi 2001, ngowezi-2011 nowezi-2022. Inhlangano yezibalomininingo yaseNingizimu ngaphambili yaziwa ngokuthi umnyango wezibalomininingo oyinhloko "Central Statistical Service", masinya ngemuva kokuphela kobandlululo futhi yazigwinya zonke izinkonzo zezibalomininingo zase--Transkei yangaphambili, i-IBophuthatswana, i-Venda ne-I-Ciskei.