Jump to content

Izinga Lobugebengu eNingizimu Afrika

Mayelana Wikipedia
Amadoda Asejele ngenxa yobugebengu

Izinga lobugebengu landile kakhulu eNingizimu Afrika, wonke umuntu uzama indlela angaziphilisa ngayo.[1]

[hlela | Hlela umthombo]

OKWENZA IZINGA LIKHUPHUKE

[hlela | Hlela umthombo]

Ukungabi bikho kwamathuba omsebenzi kwenza abantu bezame izindlela eziningi zokuziphilisa, kukhona abantu abaphuca abanye abantu izinto zabo emigwaqeni njengezimoto, amafoni kanye nokunye.Kukhona abanye abangena ezindlini noma emakhaya abantu ngenhloso yokubathathela izinto zabo.Ubugebengu bugcine buba imbangela yokuthi eminye imindeni ilahlekelwe amalungu emindeni yabo ngoba abanye bagcina bebulala uma bebathathela izinto noma uma laba bantu bengafuni nezinto zabo ngoba bezisebenzele kanzima.[2]

IMIPHUMELA YOBUGEBENGU KUBAHLALI

[hlela | Hlela umthombo]
Isigebengu esibanjiwe

ENingizimu Afrika ubugebengu sebebenza ngezindlela ezahlukene, kukhona abaqola abantu izimali zabo emafonini kuphinde kube khona laba abathatha izinto zabantu besebenzisa umuthi wokuthi umuntu angayiboni into yakhe ukuthi ithathiwe kuze kudlule isikhathi esithile. Ubugebengu ababenza manje benza abantu bengathembi muntu abangamazi ngoba abazi ukuthi usuke eze ngaliphi. Umuntu noma ngabe usuke edinga usizo noma eze ngesihle kumuntu akasabonakali ngoba abasathembani. Lokhu kwenza ukuthi kungabi nobuntu noma ukuphila nabantu eNingizimu Afrika, lobu bugebengu buphinde budlale ngemiqondo yabantu abaningi ngoba sebevele becabange izinto eziningi mabebona bekhulumiswa abantu.[3]


IZINKOMBA

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.classace.io/answers/izinga-lobu-gebengu_b866e3b85dbb68f24966c9e8f7e0e65c#google_vignette
  2. https://www.classace.io/answers/izinga-lobu-gebengu_b866e3b85dbb68f24966c9e8f7e0e65c#google_vignette
  3. https://www.justice.gov.za/vc/docs/vcms/2007%20MIN%20STAND%20ZUL_V3.pdf