Jump to content

Izinganekwane

Kubuya ku Wikipedia

Zidabukaphi

Ngokwesiko izinganekwane zabe zixoxwa kusihlwa ngenxa yenkolo uma sebengiyokuthi uma zixoxwa emini abantu bazomila izimpondo. Izinganekwane zivame ukuba zixoxwe ngumuntu omdala okuvamise ukuba ngugogo noma umkhulu oxoxela abazukulu bakhe. Ngenxa yokuthi zazidluliselwa ngokomlomo abasunguli bazo.Ixoxwa kusihlwa noma ebusuku

Izinganekwane zingahlukaniseka kathathu okubalwa kuzo lezi: Inganeko, Umzekelo kanye nensumansumane.

Inganeko

[hlela | Hlela umthombo]

Uhlobo lwezinganekwane ezivame ukuthinta inkolo, iphathe uNkulunkulu noma imimoya. inhloso yayo ukuveza imvelaphi yezinto ezithile, imvamasa yamukelwa njengeyiqiniso.Ngaphandle kokuncika enkolweni, inganeko ingabuye ichaze ngokuvela kwezinto njengabantu, ukufa kanye nokunye. Inganekwane eyaziwa kakhulu ewulolu hlobo yileyo ekhuluma ngoNkulunkulu ethuma unwabu ukuba lithuma abantu ngeke bafe. Wathuma intulo ukuthi iyotshela abantu ukuthi bazofa. Intulo yafika kuqala ngenxa yokuthi ihamba ngesivinini. Kulenganekwane kuveza ukuthi kusukelaphi ukufa kwabantu.

Umzekeliso

[hlela | Hlela umthombo]

Uhlobo lwenganekwane ethinta isigameko esiqanjiwe kokunye esake senzeka ngempela. Ithinta abantu abake baphila, kokunye ithinte izindawo ezaziwayo, kuye kufakwe into engakholeki ukuthi yenzeka. Ivame ukugxila emasikweni nasekunqubweni yaleso sizwe.Izindkikmba ezitholalaka nagaphansi kwemizekeliso kubalwa izimpi kanye nokufuduka kwezizwe.

===Insumansumane Uhlobo lwenganekwane evama ukuxoxwa uma kuchithwa isizungu. Ngokujwayelekile lezin zinganekwane zisuke ziqanjiwe kodwa ziba nesifundo esithile. Ziba nabalingiswa okungaba abantu noma izilwane eziziphathisa okwabantu. Zivama utkuthinta izinto nje ezejwayelekile kubantu njengomon, ukungathemebeki, ubuqili, ukungalaleli kanye nokunye.

Sihle Dube

Keabetswe Nkosi

Nhlakanipho Nkosi

Mpilo Nhlapho

Zinhle Mbhele

Mongezi

Njabulo

Tshiamo

Katlegho

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]