Jump to content

Khula education

Mayelana Wikipedia


I khula education inkampani engenzi nzuzo eyasungulwa ngo 2007 isungulwa ngu David Rattery Kanye nomkakhe u Nicky ngenhloso yokusiza intsha yasemakhaya ngezifundo zesayenzi. Le nkampani isebenzisana nezikole zasemakhaya ezingaphezulu kuka- 21 kwaZulu Natal. Inhloso ukukhuthaza intsha yasemakhaya ukuthi ifunde. Ikhula education igxile kakhulu ezifundweni ezifana nezibalo, isayensi Kanye nezamakhono ezempilo. Isebenzisana nezikole zamabanga aphansi Kanye phezulu futh iqinisekisa ukuth intsha ithola imisebenzi efanekile.[1]

Izincwadi ezisetshenziswa uma kufundwa

uLwazi mayelana ne Khula Education

[hlela | Hlela umthombo]

IKhula education isisize abafundi abaningi ngokukhipha imifundaze yokuqhubeza izifundo . lokho kugqugqumezela abafundi ukuba benze kangcono . sebeqashe iqwaba yabafundisis abazofundisa isayensi ezifundazweni iKwaZulu Natali lokho kwenza ukuthi kunciphe izinga labafundisis abangasebenzi. i khula education iphinde iqinisekise ukuth bonke abantwana bathola imfundo elinganayo futhi ehamba ehamba phambili.[2] Ngosizo lika Khula Education izikole iziningi zithole imiphumela emihle kakhulu kamatikuletsheni kusukela lenkampani yaqala ukusebenzisana nezikole.[3]

IZINKOMBA

  1. Our History - Khula Education (khula-education.org)
  2. Our Programmes - Khula Education (khula-education.org)
  3. KHULA Education - Perspectives from deep Rural South Africa - Khula Education (khula-education.org)