Lebo Mathosa

Mayelana Wikipedia

U-Lebo Mathosa (16 Julayi 1977 - 23 Okthoba 2006) wayengumculi we-kwaito odumile waseNingizimu Afrika. UMathosa waqala umsebenzi wakhe ngeqembu elidumile laseNingizimu Afrika iBoom Shaka ngonyaka we-1994 eneminyaka eyi-17.

ISIQALO SOKUPHILA[hlela | Hlela umthombo]

ULebo Mathosa wazalelwa eDaveyton, edolobheni elincane phandle kwaseBenoni, umndeni wakhe wase wahamba wayohlala eJohannesburg lapho uLebo waqala amazinga akhe okufunda, eSt. Mary's High School. uLebo waqala ukucula eneminyaka eyisikhombisa, ecula esontweni. uMndeni wakhe uma usuhlala eJohannesburg, yilapho wathola khona umculo weBubblegum, umculo owawuculwa abaculi abafana noBrenda Fassie, okwakuyena isibonelo kuLebo futhi umuntu owayefaniswa naye kakhulu.

UMSEBENZI[hlela | Hlela umthombo]

UMathosa watholwa uDJ wase Johannesburg ene minyaka engamashumi-nane(14), masishane emuva kwalokho wajoyina iqembu le Boom Shaka. Iqembu le Boom Shaka lashesha laphumelela kwaba elinye lamaqembu avelele eNingizimu Afrika. iAlbhamu yabo yokuqala 'It's About Time' ya duma kakhulu kodwa ialbhamu yabo yesibili yadala impikisano ngenxa yeculo labo 'Nkosi Sikelela' la khona baxhuba ingoma yezwe. Ngemuva kokuhlukana neBoom Shaka, uLebo waqala ukucula yedwa futhi waphumelela kakhulu, kwaba uyena umculi wokuqala eNingizimu Afrika ukwenza icopyright kumculo wakhe.

UKUSHONA[hlela | Hlela umthombo]

uLebo Mathosa washona engozini yemoto ngo mhlaka 23 Okthoba 2006, eshonela empumalanga yeGoli enthathakusa, imoto yagunquka ngoba umshayeli wakhe wahluleka ukulawula imoto, iToyota Prado, emgwaqeni omkhulu weN3 yase East Rand. uBig Boy Mlangeni obe umphathi wemakhething yenkampani yokurekhoda umculo kaLebo, iBula Records, uthi uLebo ubethandeka futhi naye ethanda abantu, uthi uLebo ubesasemncane, enekhono elikhulu futhi nekusasa eliqhakazile.

IZINKOMBO[hlela | Hlela umthombo]

[1]

[2]


  1. https://en.wikipedia.org/wiki/Lebo_Mathosa
  2. https://en.wikipedia.org/wiki/Lebo_Mathosa