Mandisa Maya

Mayelana Wikipedia

UMandisa Muriel Lindelwa Maya (owazalwa ngoMashi 20, 1964) ungummeli waseNingizimu Afrika osebenze njengoMongameli weNkantolo eNkulu Yokudluliswa Kwezikhalazo YaseNingizimu Afrika (i-SCA) kusukela ngomhlaka 26 Meyi 2017. UMandisa Muriel Lindelwa Maya waye ngumahluleli eMthata High Court futhi eyiphini likamongameli wase SCA. Ebuncaneni uMandisa wakhulelwa eTsolo kwi ndawo ekuthiwa iKing Williams Town naseMthata lapho aqeda khona umatikuletsheni eSt Johns College. [1]

Imfundo[hlela | Hlela umthombo]

Amanyuvesi lo mmeli afunde kuwo asiza ukuthi ephumelele neziqu eziphezulu. UMandisa wathola iBProc neLLB efunda eWalter Sisulu University naseUniversity of Natal. IDuke University yanika uMandiisa umklomelo wokusiza ukufunda kuhkona ezothola ithuba lokufundela iLLM (Labour Law – Alternative Dispute Resolution and Constitutional Law).[2]

Ukubaluleka kwaMaya Mandisa emphakathini[hlela | Hlela umthombo]

UMandisa uyaziqhenya ngokuthi ungumuntu wesifazane ohlezi kwisikhundla esiphezulu kakhulu futhi ungumuntu wokuqala owesifazane ozuza lesikhundla. Kubalulekile kuMandisa ukuba umuntu wesifazane obambe izikhundla ezijwayele ukubanjwa ngabantu besilisa.[3]

  1. https://law.mandela.ac.za/recent-news-and-events/justice-maya
  2. https://law.mandela.ac.za/recent-news-and-events/justice-maya
  3. http://www.capetalk.co.za/articles/258756/justice-mandisa-maya-wants-to-pave-the-way-for-more-women-in-top-judiciary-posts