Jump to content

INgilandi

Kubuya ku Wikipedia
(Redirected from Ngilandi)
England (en)
Isaga: "Dieu et mon droit" (isiFulansi)
"uNkulunkulu nelungelo lami"
Inkondlo: God save the King
Nkulunkulu, hlenga iNgonyama
Isiqongo
(futhi idolobha elikhulu)
ILondon
Izilimi IsiNgisi, isiKhonishi
Abantu amaNgisi
Uhulumeni
 -  iNgonyama u-Charles III
 -  iNdunankulu uBoris Johnson
Ubukhulu
 -  Jikelele 130,395 km2 
50,346 sq mi 
Inani labantu
 -  2008 ukulinganisa 51,446,000[1] 
 -  2001 uhlolovo 49,138,831 
 -  Ixuku labantu 395/km2 
1,023/sq mi
Imali Upondo (GBP)

iNgilandi iyisifundazwe soMbuso oHlangeneyo kepha ngokomthethosisekelo ubizwa izwe eliyinxenye yoMbuso oHlangeneyo. Kungakho nakuba inganawo uhulumeni ozimele, iNgilandi idlala emiqhudelwaneni yezemidlalo futhi iyilunga yezinhlangano zeziwe zobuciko nesiko ngokwayo, ngaphandle kokuba yinxenye yesizwe esinye.

iNgilandi inomngcele nesiKotilandi ngasenyakatho, iWelisi ngasentshonalanga, iFulansi ngaphesheya kwoMsele wamaNgisi kanye neAyilendi ngaphesheya koLwandle lwase-Ayilendi. iNgilandi yayizimele kodwa ngo-1777, ihlanganiswe nesiKotilandi ukusungula uMbuso waseBhulithani Nkulu. Ngokuhlukana nesiKotilandi neWelisi, iNgilandi ayinazo izikhungo zikahulumeni eziqondane nezindaba ezibandakanya iNgilandi yodwa. Nakuba IsiKotilandi neWelisi zinamaPhalamende kanye nemiKhandlu yokuPhatha ayo, zonke ezombangazwe nezomthetho zishayiwa yiPhalamende yoMbuso oHlangeneyo wonke.

Igama laseNgilandi lisuka kuma-Anglo-Saxon, isizwe esivela endaweni esenyakatho kweJalimani kanye naseningizimu kweDenimaki. Ama-Anglo-Saxon abhubhise iningi lama-Khelti, isizwe esasihlala eNgilandi ngaphambi kokufika kwama-Anglo-Saxon. Ama-Anglo-Saxon andile ezweni, asungule amazwe ahlukene njenge-Wessex, Mercia, nezinye. Umkhankaso okubumbisa iNgilandi iqale ngeNgonyama u-Alfred oMkhulu ngama-886 kepha umsebenzi upheleliswe yiNgonyama u-Æthelstan ngama-927. Ngaphansi kweNgonyama uHenry VIII, umbuso waseWelisi uthathwe yiNgilandi nge-1536. iNgonyama yamaSkoti, uJakobe III, uhlale esihlalweni sobukhosi saseNgilandi ngenxa yokuthi wayeyindodana yeNdlovukazi yamaSkoti, uMariya, kanye nokuba indlalifa yeNdlovukazi u-Elizabeth I, ngokuba ngumshana wakhe enganazo izingane.

uLwimi laseNgilandi luyilunga lomndeni wezilimi zesiJalimani zaseNtshonalanga, ethole amagama amaningi kanye nohlaka lokwakha amagama, ukhukhuluma, kanye nokubhala olwathonywa yisizwe samaDeni kanye nokunqotshwa yizwe laseNormandy eFulansi. Ukufika kukaWilliam uManqoba, kuholele ekutheni kubolekwe amagama kusiFulenshi sakudala. Futhi, ngokuba iNgilandi yayiphansi kwesonto lamaRoma, kwalethwa isiLathini nesiGreki.

iNgilandi iqukatha amaphesenti angamashumi ayisithupha wobungako bendawo beQhingi likaBhulithani Nkulu — okungaphezu kwe-130000 wamakhilomitha skwele womhlaba. Amaphesenti andlula ama-60 wenani labantu boMbuso oHlangeneyo ahlala eNgilandi. iNgilandi inomkhiqizo okomnotho oyizigidintathu ezi-2.33 zamaDola aseMelika. iNgilandi inezimboni yokukhanda izinguxa ezinkimbinkimbi nezonzuluwazi, imithutha njengezitimela nezilumbamdiki. iNgilandi idume ngenxa yezinkampani ezikhanda izinto noma eziphakela izinkonzo njengezemali, ukuthunga izingubo, ukucwaninga nokukhanda ezokwelapha. Ngezi-1750, iNguqulo Yezimboni iqale eNgilandi makukhandwa izinguxa ezikhiqiza umdiki. Iningi labadlibezwe abaye eMelika, eKhanada, e-Ostreliya, eNingizimu Afrika ukudlela abomdabu umhlaba wabo, ukucindezela, ukugqilaza, kanye ngesinye isikhathi ukubabhubhisa, bavele eNgilandi.

References

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Office for National Statistics. "Population estimates for UK, England and Wales, Scotland and Northern Ireland – current datasets". statistics.gov.uk. Kulandwe ngomhlaka 2018-01-16.