Ngqengelele kaMvulane

Mayelana Wikipedia

Umusa wenkosi uSenzangakhona kaJama kulabo abafelwe yizwe waphinde wagqama kakhulu ngenkathi ekhoselisa uNgqengelele kaMvulane. Umbuzo uthi: ubani ungqengelele futhi uphuma kuphi?, futhi ukhoseliswa nje ubalekelani?

Imvelaphi[hlela | Hlela umthombo]

Phela uNgqengelele kaMvulane uzalwa kwaButhelezi. Wabe ezalwa ebukhosini baseMcakweni laphaya eSihlungu. Inkosi uPhungashe wabe engumfowabo kayise uMvulane.uPhungashe ngowaseNdlunkulu kanti uMvulane kungowasekhohlo.uzele uMvulane lona unamadodana amathathu Inkosana kungu Khoboyela elanywa nguNgqengelele yena elanywa nguNdaba. Wathi engashona itshe lagaya ngomunye umhlathi. Phela uPhungashe wabe ezidlile izinkomo zasekhohlo, bavungama oKhoboyela noNgqengelele. Kwazwakala amahebezi okuthi inkosi ifuna ukubagudlula. Babona lapho ukuthi kunzima ukuba yintandane, phela inhlanzi isishelwe amanzi manje.

KwaZulu[hlela | Hlela umthombo]